Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngempi yaseMaqonqo(Masingana 1840)

Impi yaseMaqonqo (Masingana 1840)Impi yaseMaqonqo eyabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingana kanye noMntwana uMpande kaSenzangakhona yalwa ngoMasingana onyakeni ka 1840 kuphele unyaka nezinyana kuliwe eyaseNcome , eyalwa ngoZibandlela onyakeni ka 1838. AMaqonqo yizintaba ezimbili ezibhekene naMagudu ngasoPhongolo.  Imbangela yempi yaseMaqonqo kwaba wukungethembani phakathi kweZulu eliphezulu iSilo uDingana kanye noMntwana uMpande . Kuliqiniso elingephikwe ukuthi iSilo uDingana sasesibaqedile abafowabo sekusele uMntwana uMpande noMntwana uGqugqu naye owagcina ebulawe yiSilo uMpand... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseNdondakusuka(2 Zibandlela 1856)

Impi yase Ndondakusuka ebuye yaziwe ngokuthi yiMpiyabantwana yabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande . Lempi yayiqhathwe ngaMankisimane oMantsonga [Captain J Welmsely] kanye noGqelebana [uMfundisi EF Rathbone] . UMantshonga wabe eyinduna yamabutho eKoloni yaseNatali ayeqhaphe umn... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane

Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane  UMagolwana kaMkhathini Jiyane wayeyimbongi enkulu yakwaZulu . Waphila kusukela ngesikhathi seNgonyama uShaka kaSenzangakhona kaJama kwaze kwaba isikhathi seNgonyama uMpande kaSenzangakhona . Abantu bakwaJiyane babekade beyingxenye yabantu baseMantshalini . B... qhubeka ufunde »

Umlando ngamakhosi akwaButhelezi

Umlando ngamakhosi akwaButhelezi  Abantu bakwaButhelezi bangabaNguni bohlobo lwamaNtungwa Nguni . Laba bantu baduma ngokwazi ukunonophalisa ulimi lwesiZulu nangamagama okuhlonipha . Njengabo bonke abaNguni nawo aMaShenge aqhamuka enhla nezwe lapho sekuseSudani khona ,ehla njalo aze ayozinza kwa... qhubeka ufunde »

Umlando ngezibongo (ucwaningo olisaqhubeka)

Umlando  ngezibongo(ucwaningo olisaqhubeka): AbakwaMasikane Basikwa inkosi uMakhedama wakwaDlomo oTibaAbakwaMasikane kusengabantu bakwaDlomo emMakhabeleni basikwa uNdabambi kaMdimane ngenxa yesenzo sendodakazi uNodada Dlomo owaphinga nomfowabo.Kwaphuma isinqumo emndenini wakwaDlomo ukuthi abadi... qhubeka ufunde »

Umlando ngeKumkani uHinsa kaKhawutha : Aah! Zanzolo!

Umlando ngeKumkani uHinsa kaKhawutha :Aah! Zanzolo! IKumkani  uHinsa yabusa isizwe samaXhosa kusukela ngowe 1820 kuze kube unyaka we 1835 lapho yakhothama khona ngesandla somNgisi uGeorge  Southey . Leso kwakuyisikhathi sezimpi zakwaXhosa ezaziwa ngokuthi ‘ amaFrontier Wars’ . ... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseTshaneni

Impi yaseTshaneni Impi yaseTshaneni yabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweNgonyama u-Mamonga woSuthu noMandlakazi ngaphansi koMntwana u-Zibhebhu Zulu . Le mpi siyangayichaza ngokuthi kwakuyimpi yokubuyisa izibduku ngoba iSilo u-Mamonga sasidinga ukujezisa uMntwana u-Zibhebhu ngayekwenze kuYise waso i... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi u-Ngwana Maseko

U-Ngwana Maseko *UNgwana kaKhubonye Maseko Abantu bakwaMaseko bangaMaThonga Nguni ngokwezigaba zabeNguni. Eminyakeni yama 1700  laba bantu bakwaMaseko ‎sibathola bezinze lapho sekuyiSwazini khona namuhla. Njengabo bonke abeNguni nabo babekade beqhamuke eNkabazwe yezwekazi laseAfrika. Ngenkath... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNozishada kaMaqhoboza Nzuza

UNozishada kaMaqhoboza Nzuza UNozishada ka Maqhoboza wabe eliqhawe elikhulu likaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingane kaSenzangakhona. Ibutho lakhe kwakuwuDlambedlu nokuyibutho elabuthwa yiNgonyama uDingane kaSenzangakhona . Abantu bakwaNzuza bazalwa nguNdebele owabe eyindodana encane kaMnguni kaNtu .... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi uNomvimbi (uNina weSilo uDinuzulu)

INdlovukazi uNomvimbi Mzimela (uNina weSilo uDinuzulu) INdlovukazi uNomvimbi (okaMsweli) Mzimela yayinguNina weSilo uDinuzulu kaCesthwayo iSilo saseMkhontweni . Kusuke kushiwo yona ezibongweni zeSilo uDinuzulu uma kuthiwa ‘Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile’. Uyise weNdlovukazi uNomvi... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!