Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngezifo ezazixake oKhokho bethu endulo

Incazelo ngezifo ezazixake oKhokho bethu endulo #Kuloba u-Kholo Khumalo INxazonke Endulo babengakabikho oDokotela, oKhokho bethu babethembele olwazini lwabo ngemithi yesintu. Kulolo lwazi kwakuba khona ulwazi lokwelapha isifo uma sesingenile emzimbeni womuntu, kanye nolwazi lokugoma nesingakubiza ngokuthi i-vaccination ngolwimi lokwebolekwa. Ake sibheke izifo ezadlanga kakhulu ngesikhathi soKhokho bethu (Nagana Disease) Lesi sifo sadla lubi ngesikhathi seNgonyama u-Shaka kuya esikhathini seNgonyama u-Dingane, kwedlulela nasesikhathini seNgonyama yakwaNodwengu iNyonyama u-Msimude. I-Nigana Dise... qhubeka ufunde »

Izinkolelo zabantu

Izinkolelo zabantu :- Kunezinkolelo abantu abanazo ngezinto ezisuke zenzeka ngesikhathi esithile emizimbeni yabo njengokuthi kusuke kukhona into ezokwenzeka, okungenzeka kube okuhle noma okubi. Lomkhuba abantu abaningi bakhule kuyizinkolelo ezazishiwo ngabantu abadala nabo bakholelwa ukuthi kuyenzek... qhubeka ufunde »

Incazelo ngezitho zenkomo uma kuhlatshiwe ekhaya(ezangaphakathi)

Incazelo ngezitho zenkomo uma kuhlatshiwe (ezangaphakathi) -Isitho *Incazelo -Isisu *Isitho esigcina amathumbu nokunye nje okwangaphakathi. Sicotshelwa ebubendeni obudliwa ikakhulukazi ngabesilisa. -Amathumbu * Ehlukaniswa kuthiwe kukhona amakhulu namancane, amhlophe namnyama. Kwamancane amhlophe ku... qhubeka ufunde »

Incazelo ngezitho zenkomo uma kuhlatshiwe ekhaya (ezangaphandle)

Izitho zenkomo uma kuhlatshiwe ekhaya(ezangaphandle) -Isitho *Incazelo -Ibele * Isitho inkonyane encela kuso. Lesi sitho uma kuhlatshiwe sidliwa ngoMame. -Ubebebe * Udebe lwenkomo lolu. Ubebebe udliwa ngamanumzane asebekhulile. Kunenkolelo ethi uma udliwa ngabafana bayozala izingane ezilekezelisa im... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdunankulu u-Ngomane ka Mqomboli waseMdletsheni

Umlando ngoNdunankulu u-Ngomane Mdletshe Abantu bakwaMdletshe babekade beyingxenye yaBaThethwa , kuthiwa baphuma kwaMthethwa ngenxa yesenzo sensizwa yakhona kwaMthethwa eyakhulelisa uDadewabo kusonywana. Umkhuba wokusoma ukwenza ucansi lapho insizwa iphelela khona emathangeni entombi, ingafiki enkom... qhubeka ufunde »

Incazelo ngokuzalwa wembethe

Incazelo ngokuzalwa wembethe : Esizweni sakwaNtu kunesimo lapho ingane izalwe igaxile. Kungaba eyakwaZulu, kwaXhosa, kwaNdebele kwaMthwakazi noma kwaNgwane. ‎Le ngane izalwa yembethe into esamhlwehlwe enamafutha, leyo ngane iyingane yenhlanhla. ‎ Le ngane iyigugu labaphansi. Le ngane idinga nje ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNkosi u-Zihlandlo kaGcwabe yaseMbo

Umlando ngeNkosi u-Zihlandlo ka Gcwabe INkosi u-Zihlandlo ka Gcwabe ka Khabazela ka Mavovo yabusa ngesikhathi sokubusa kweNgonyama u-Shaka , yayisaphila futhi nangesikhathi seNgonyama u-Dingane. Umuzi omkhulu weNkosi u-Zihlandlo wawubizwa ngokuthi kuseSimahleni , iButho elaliqaphe lowo muzi lalibizw... qhubeka ufunde »

Izincazelo zamaphupho

IZINCAZELO ZAMAPHUPHO *Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye... qhubeka ufunde »

Izincazelo zamaphupho , awenhlanhla nawe bhadi .

  Amaphupho enhlanhla :- Njengawo wonke amaphupho kukhona angadingi incazelo uma uliphuphile kodwa kukhona lawo adinga ukuthi ucaciselwe ukuthi lisho ukuthini. Uma siqoqa lezindaba siyaqinisekisa ukuthi sibuza abantu abahlukene ngesihloko esibhala ngaso ukuze sibone ukuthi imibono yabo iyafana ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngokubaluleka kokuphalaza:

Incazelo ngokubaluleka kokuphalaza Ziningana izizathu zokuphalaza,kulezo zizathu singabala ukuletha inhlanhla,ukuxosha omoya ababi/amaphupho amabi,ukwakha ugazi,ukwelapha, kanye nokuthi izinsizwa ihlale iphile qingqo nje inguMqemane.Abantu bakudala ikakhulukazi abakwaZulu babephila ngakho ukuphalaza... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!