Unondlini
Sikleza kogwansile

 

IZAGA: Eziphathelene nobuqili

IZAGA: Eziphathelene nobuqili -(Isaga) *(Incazelo) -Akukho qili lazikhotha emhlane *Ungaqhubeka nobuqili bakho kodwa ngelinye ilanga kuyokubhedela, uyobanjwa -Hamba juba bayocutha phambili *Incazelo yaso icishe ifane neyalesi esingenhla, hamba bayokubona amanamehlo phambili -Phika Mphezeni icala lingumphikwa * Noma umuntu onile ,kodwa uqala ngokuphika ethi uyazisindisa. U-Mphezeni ka Gala ka Nodada wayengowakwaBiyela. Nguyena yedwa owayazi lapho kwakubhace khona iSilo u-Cetshwayo emahlathini aseNkandla. Kwakuthi uma abamhlophe bemubuza aphike alale ngomhlane athi akazi lutho yena. -Kakucala la... qhubeka ufunde »

IZAGA:Eziphathelene nokwahluleka

IZAGA: Eziphathelene nokwahluleka -(Isaga) *(Incazelo) -Ithemba kalibulali * Inkulumo yomuntu odangele ngokwahluleka kwento abezithembise ngayo. -Amathe abuyele kwasifuba * Akasazi ukuthi uzothini, ngemuva kokuphoxeka. Kubuye kuthiwe ‘Inkukhu inqunywe umlomo, noma ‘Aphelile amankemfu(ama... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziqondene nobutha nokulwa

IZAGA:Eziqondene nobutha nokulwa -(Isaga) *Incazelo) -Uzowukhomba umuzi wonotshwala * Kusuke kusongwa ,noma kusengelwana -Zinkani zababili/ Kubambene ingwe nengonyama /Zindala zombili *Akwaziwa ukuthi ubani oyodla umhlanganiso ngoba amandla abo ayalingana, zindala zombili -Yinkukhu nempaka -Yizitha ... qhubeka ufunde »

IZAGA:Eziqondene nenhlanhla

IZAGA: Eziqondene nenhlanhla -(Isaga) *(Incazelo) -Ucilo uzishaye endukwini/Intendele iwe enkundleni * Kusuke kuvele inhlanhla ebikade ingalindelwe. KwaXhosa bathi ‘Ukuwelwa umqe(isitshwala/ipapa)esandleni’ -Zimbiwe yinsele yazishiya – Kushiwo izinyosi. Insele isilwane esimba iziny... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNgwenyama uMswazi (wesibili) ka Sobhuza (wokuqala)

Umlando ngeNgwenyama u-Mswazi ll iNdlavela INgwenyama u-Mswazi wesibili wayezalwa iNgwenyama u-Sobhuza wokuqala, unina weNgwenyama u-Mswazi iNdlovukazi u-Thandile iNdodakazi yeNkosi u-Zwide ka Langa yabakwaNdwandwe. U-Thandile wayelama u-Nompethu emhlane , u-Nompethu yena wendela eNkosini u-Mashoban... qhubeka ufunde »

Umlando ngeButho u-Dloko

Umlanjwana omncanyana ngeButho u-Dloko IButho loDloko labuthwa yiNgonyama u-Mpande ka Sanzangakhona ngowe 1858, izinsizwa zeButho u-Dloko iningi lazo lalizalwe ngonyaka ka 1838, nango 1839 . UDloko uhlobo lwenyoka olunolaka kakhulu oluthi uma seluthukuthelisiwe luvimbe abantu bengabe besadlula lapho... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNduna u-Mdlaka ka Ncidi Ntshangase

Umlando ngoMdlaka ka Ncidi uMdidiyeli wezimpi zeLembe. Wayebuye abe yiNduna eNkulu yaseSiklebheni. U-Mdlaka ka Ncidi Ntshangase wabe engenye yeZiNduna zeNkosi u-Shaka, futhi engu-Mdidiyeli omkhulu wempi yeLembe. ” UKhatha-lukhulwini, Balwesabay’uZulu Onyathela ngomkhont’enhlakanhla... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNgoza ka Ludaba Majozi iHlaba

Umlando ngoNgoza Majozi iHlaba U-Ngoza ka Ludaba Majozi wagqama kakhulu ngesikhathi seSilo u-Cetshwayo, wayeyiNduna ka Somtsewu ka Sonzica (uMlungu u-Theophilus Shepstone). Babebabili oNgoza kwakukhona u-Ngoza ka Mkhubukeli waBaThembu owabe ebusa aBaThembu lapho sekuseMnambithi khona namuhla, bese k... qhubeka ufunde »

Umlando ngeQhawe lakwaNtombela u-Nzobo ka Sobadli iWombe

Umlando ngeQhawe lakwaNtombela u-Nzobo ka Sobadli i-Wombe U-Nzobo ka Sobadli Ntombela wayeyiQhawe leSilo u-Dingane, wayebuye aziwe ngelikaDambuza Mthabathe. WayeyiSekela likaNdunankulu weSilo u-Dingane u-Ndlela ka Sompisi Ntuli, uNdunankulu ngesiNgisi kuthiwa u-Prime Minister , ngakho-ke u-Nzobo ka ... qhubeka ufunde »

Umlando ngoYamela ka Phangandawo Shange

  Umlando ngoYamela ka Phangandawo Shange Abantu bakwaShange bawuzalo lweNkosi uSibiside yakwaMkhize.UShange okwaqambeka ngaye isibongo kuthiwa wabe engenye yamadodana eNkosi uSibiside Mkhize,esendeni likaShange kuphuma abantu bakwaShange,abakwaMdima nabakwaDumakude.UShange uzele u-Dumakude yen... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!