Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngoMntwana uSitheku ka Nzibe no Mpande

  Nina abakaMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina beSilo ake sibheke umlando kaMntwana uSitheku ka Mpande. UMNTWNA USITHEKU: UMntwana uSitheku kaNZIBE noMpande uzalwa yiSilo uMpande eNgodusweni kaMntwana uNzibe uMkhana wakwaQwabe. UMntwana uNzibe ka Senzangakhona wasala empini yakwaSoshangane  eyabe iphakwe yiLembe, iSilo uShaka , ngowe 1828. Yiyona kanye leyo Mpi lapho kwanyomuka khona  aBantwana oDingane , uMbopha noMhlangana baphindela emuva,ba... qhubeka ufunde »

Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uDingiswayo ka Jobe ,yaBathethwa.

Nina beSilo enhla nasezansi ngiyanibingelela , ngethemba nisaphila enyangeni ka Ntulikazi (Julayi) sesiyigoqa. Nina beMbube ake sibheke izibongo zeSilo saBathethwa , iSilo uDingiswayo. Yisona phela iSilo saBathethwa esaqala umsebenzi wokuhlanganisa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa, okungumsebenzi ... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMdlaka ka Sodumase wakwaLanga.

  Nina abeGwija lika Mdlaka ligwegwe liyeze abasini beNgoma ! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! #ISilo uShaka leso! UMdlaka othinteka kulezi zibongo wayengowakwaNtshangase , wayezalwa nguNcidi. Babebabili oMdlaka , futhi bobabili baphila ngesikhath... qhubeka ufunde »

UMngwenya(Harpephyllum caffrum )

Nina abakaGaqa libomvu lawoBathonyile ,iSibuko sikaMaphitha benoNzibe , abebezibuka ngaso beya kwaNkosinkulu! IGwagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej”iShowe , kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela ! #iISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeMbybe eshoba liyisilikthi. ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMvuthwamini(Carthium inerme , uDlozi la beZizwe)

Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe ! Enhla nasezansi ngiyanibingelela nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila ! UMvuthwamini: Nina abeSilo lo muthi eniwubona esithombeni esi... qhubeka ufunde »

UMaphipha oyintelezi(Albuca fastigiate)

.Nina abeNzima eyiwukwena koMkhumbane -khona kwena kungafakwa lunyawo! UGaga ngamanzi angawesi mlomo! Amanzi wodwa asale ababaze! UMlungu ongaphesheya komfula! Omunye ungaphgesheya kukaMpehlela noMaqhwakazi! UFipha luyiNdlovu enamanxeba ! #ISilo uDingane leso!!UVezi uMlamlela ngoba ulamulele abafazi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSende lenja (Cucumis africanus )

Nina abaeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobizeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu!#ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wesithup... qhubeka ufunde »

UMphompo (iDumbe lika Nhloyile , Scadoxus paniceus )

Nina abakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni , iNgondlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba !!#Inkosi uMalandela leyo iSilo sakithi oDwini!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kungumhla wokuqala kuNtulikazi onya... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!