Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngezibongo (ucwaningo olisaqhubeka)

Umlando  ngezibongo(ucwaningo olisaqhubeka): AbakwaMasikane Basikwa inkosi uMakhedama wakwaDlomo oTibaAbakwaMasikane kusengabantu bakwaDlomo emMakhabeleni basikwa uNdabambi kaMdimane ngenxa yesenzo sendodakazi uNodada Dlomo owaphinga nomfowabo.Kwaphuma isinqumo emndenini wakwaDlomo ukuthi abadingiswe banikwe indawo yabo khona emakhabeleni, base bezimela bezibiza ngabakwaMasikane.Kusuka lapho abaphindange bazihlanganisa nendlunkulu (AbakwaDlomo) kuze kube manje ezikabi bikho izingxoxo zokuthelelana amanzi. Abakwenza ukunyundela amakhabela ephephandabeni bakha ubumbano.Kumanje iningi lapho ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeKumkani uHinsa kaKhawutha : Aah! Zanzolo!

Umlando ngeKumkani uHinsa kaKhawutha :Aah! Zanzolo! IKumkani  uHinsa yabusa isizwe samaXhosa kusukela ngowe 1820 kuze kube unyaka we 1835 lapho yakhothama khona ngesandla somNgisi uGeorge  Southey . Leso kwakuyisikhathi sezimpi zakwaXhosa ezaziwa ngokuthi ‘ amaFrontier Wars’ . ... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseTshaneni

Impi yaseTshaneni Impi yaseTshaneni yabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweNgonyama u-Mamonga woSuthu noMandlakazi ngaphansi koMntwana u-Zibhebhu Zulu . Le mpi siyangayichaza ngokuthi kwakuyimpi yokubuyisa izibduku ngoba iSilo u-Mamonga sasidinga ukujezisa uMntwana u-Zibhebhu ngayekwenze kuYise waso i... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi u-Ngwana Maseko

U-Ngwana Maseko *UNgwana kaKhubonye Maseko Abantu bakwaMaseko bangaMaThonga Nguni ngokwezigaba zabeNguni. Eminyakeni yama 1700  laba bantu bakwaMaseko ‎sibathola bezinze lapho sekuyiSwazini khona namuhla. Njengabo bonke abeNguni nabo babekade beqhamuke eNkabazwe yezwekazi laseAfrika. Ngenkath... qhubeka ufunde »

Umlando ngaMampondo

AMampondo AMampondo Isifundazwe saseMpumalanga Koloni saziwa njengesifundazwe saMaXhosa, eqinisweni isifundazwe saseMpumalanga Koloni sixube izizwe nezizwe, ezinye zalezo zizwe aziwona aMaXhosa ngokwendabuko. Izizwe ezingewona aMaXhosa yilezi ezilandelayo. EsaMampondo, esaMampondomise,esaMaHlubi, es... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNozishada kaMaqhoboza Nzuza

UNozishada kaMaqhoboza Nzuza UNozishada ka Maqhoboza wabe eliqhawe elikhulu likaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingane kaSenzangakhona. Ibutho lakhe kwakuwuDlambedlu nokuyibutho elabuthwa yiNgonyama uDingane kaSenzangakhona . Abantu bakwaNzuza bazalwa nguNdebele owabe eyindodana encane kaMnguni kaNtu .... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi uNomvimbi (uNina weSilo uDinuzulu)

INdlovukazi uNomvimbi Mzimela (uNina weSilo uDinuzulu) INdlovukazi uNomvimbi (okaMsweli) Mzimela yayinguNina weSilo uDinuzulu kaCesthwayo iSilo saseMkhontweni . Kusuke kushiwo yona ezibongweni zeSilo uDinuzulu uma kuthiwa ‘Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile’. Uyise weNdlovukazi uNomvi... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdlela kaSompisi Ntuli

UNdlela kaSompisi iqhawe lakwaNtuli UNdlela kaSompisi Uma kulandiswa ngomlando wakwaZulu alilibaleki igama likaNdlela kaSompisi Ntuli. Le nsizwa yakwaNtuli yabe iyiqhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane . Yayibuthelwe ebuthweni iNtontela nokuyibitho elalimbandakanya uMntwana u-Senzangakhona ,u... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uDingiswayo yaBathethwa

INkosi u-Dingiswayo kaJobe yaBaThethwa Inkosi u-Dingiswayo kaJobe Uma kulandiswa ngomlando wesizwe sakwaZulu awalibaleki nangephutha amagama amakhosi oDingiswayo noZwide kaLanga inkosi yabakwaNdwandwe. Inkosi u-Dingiswayo igama layo lokuzalwa kuthiwa nguGodongwana , elikaDingiswayo yalithola ngesiga... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMehlemakhulu ka Mpangazitha .

Umlando ngoMehlomakhulu kaMpangazitha HadebeUMehlomakhulu wayeyindodana endala kaMpangazitha,eyisokangqangi,engeyona indlalifa ngoba wayezalwe ekhohlo. Indlalifa kaMpangazitha kwakungu Sidinane owayemncane kakhulu kuMehlemakhulu. Kodwa waba yindlalifa ngesizathu sokuthi wayezalwa endlunkulu. Naye uM... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!