Unondlini
Sikleza kogwansile

 

IZAGA: Eziphathelene nofuzo

IZAGA: Eziphathelene nofuzo -(Isaga) *(Incazelo) -Inzimakazi izala ilungakazi * Kuyenzeka ukuba izingane zingabafuzi abazali ngezimilo. Inzimakazi inkomo yensikazi emnyama bhuqe engenalo ibala, uma inebadlana ikakhulukazi elimhlophe kuthiwa ilungakazi -Ukhamba lufuze iMbiza *Umntwana ufuza abazali bakhe ngokubukeka kahle , noma ngokangabukeki kahle. Kubuye kuthiwe ‘Injalo iphuma edunjini, noma ‘Inkovu iphuma ethangeni’ , noma ‘Inkonyane ifuza unina” -Ukhuni luzala umlotha/Isikhuni sizala umlotha * Kusuke kushiwo kumuntu oqotho ozele izingane ezingathembekile. Lesi... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziphathelene nemibango

IZAGA: Eziphathelene nemibango -Umlando ubanjwa yinkume/Umlando ubanjwe yinkume *Kushiwo lapho izingxabano ebesezikade zedlula sezivuka phansi, sezivuswa izingane zalabo ababexabene -Kuyokweqana izibiba * Inkulumo eqondene nombango noma nokuphikisana njengezinsizwa nje zisukela intombi. Kusho ukuthi... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziphathelene nobuqili

IZAGA: Eziphathelene nobuqili -(Isaga) *(Incazelo) -Akukho qili lazikhotha emhlane *Ungaqhubeka nobuqili bakho kodwa ngelinye ilanga kuyokubhedela, uyobanjwa -Hamba juba bayocutha phambili *Incazelo yaso icishe ifane neyalesi esingenhla, hamba bayokubona amanamehlo phambili -Phika Mphezeni icala lin... qhubeka ufunde »

IZAGA:Eziphathelene nokwahluleka

IZAGA: Eziphathelene nokwahluleka -(Isaga) *(Incazelo) -Ithemba kalibulali * Inkulumo yomuntu odangele ngokwahluleka kwento abezithembise ngayo. -Amathe abuyele kwasifuba * Akasazi ukuthi uzothini, ngemuva kokuphoxeka. Kubuye kuthiwe ‘Inkukhu inqunywe umlomo, noma ‘Aphelile amankemfu(ama... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziqondene nobutha nokulwa

IZAGA:Eziqondene nobutha nokulwa -(Isaga) *Incazelo) -Uzowukhomba umuzi wonotshwala * Kusuke kusongwa ,noma kusengelwana -Zinkani zababili/ Kubambene ingwe nengonyama /Zindala zombili *Akwaziwa ukuthi ubani oyodla umhlanganiso ngoba amandla abo ayalingana, zindala zombili -Yinkukhu nempaka -Yizitha ... qhubeka ufunde »

IZAGA:Eziqondene nenhlanhla

IZAGA: Eziqondene nenhlanhla -(Isaga) *(Incazelo) -Ucilo uzishaye endukwini/Intendele iwe enkundleni * Kusuke kuvele inhlanhla ebikade ingalindelwe. KwaXhosa bathi ‘Ukuwelwa umqe(isitshwala/ipapa)esandleni’ -Zimbiwe yinsele yazishiya – Kushiwo izinyosi. Insele isilwane esimba iziny... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNgwenyama uMswazi (wesibili) ka Sobhuza (wokuqala)

Umlando ngeNgwenyama u-Mswazi ll iNdlavela INgwenyama u-Mswazi wesibili wayezalwa iNgwenyama u-Sobhuza wokuqala, unina weNgwenyama u-Mswazi iNdlovukazi u-Thandile iNdodakazi yeNkosi u-Zwide ka Langa yabakwaNdwandwe. U-Thandile wayelama u-Nompethu emhlane , u-Nompethu yena wendela eNkosini u-Mashoban... qhubeka ufunde »

Umlando ngeButho u-Dloko

Umlanjwana omncanyana ngeButho u-Dloko IButho loDloko labuthwa yiNgonyama u-Mpande ka Sanzangakhona ngowe 1858, izinsizwa zeButho u-Dloko iningi lazo lalizalwe ngonyaka ka 1838, nango 1839 . UDloko uhlobo lwenyoka olunolaka kakhulu oluthi uma seluthukuthelisiwe luvimbe abantu bengabe besadlula lapho... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNduna u-Mdlaka ka Ncidi Ntshangase

Umlando ngoMdlaka ka Ncidi uMdidiyeli wezimpi zeLembe. Wayebuye abe yiNduna eNkulu yaseSiklebheni. U-Mdlaka ka Ncidi Ntshangase wabe engenye yeZiNduna zeNkosi u-Shaka, futhi engu-Mdidiyeli omkhulu wempi yeLembe. ” UKhatha-lukhulwini, Balwesabay’uZulu Onyathela ngomkhont’enhlakanhla... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNgoza ka Ludaba Majozi iHlaba

Umlando ngoNgoza Majozi iHlaba U-Ngoza ka Ludaba Majozi wagqama kakhulu ngesikhathi seSilo u-Cetshwayo, wayeyiNduna ka Somtsewu ka Sonzica (uMlungu u-Theophilus Shepstone). Babebabili oNgoza kwakukhona u-Ngoza ka Mkhubukeli waBaThembu owabe ebusa aBaThembu lapho sekuseMnambithi khona namuhla, bese k... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!