Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoMnqandane\Bluebush\Monkey-plum\Monkga-nku:::

  Nina baka Singquma kakhulumi akanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! uQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane!! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abakaJininindi ka Ndaba omnyama. Cha, thina sisaphila eMantungweni kungumhla weshumi nasithupha kuEphreli{Mbasa} onyakeni ka 2023. Nina neMbube eshoba liyisilikithi nawo-ke uMnqandane . Umuthi obaluleke kakhulu lona , uwumuthi olwayo , uyangena eMabuthweni athunywa ukuyolwa. Lo muthi ungeminye yemithi engashaywa nhlobo uMphezulu. Kusebenza... qhubeka ufunde »

USingalwesalukazi 

USingalwesalukazi Lona wumuthi owelapha izifo ezithi azibe ningana. Njengoba ngihlezi ngisho ukuthi kuyenzeka ukuthi umuthi wenze eminingi imisebenzi empilweni yomuntu ube uwodwa. NoSingalwesalukazi nalo-ke lunjalo . Abaningi balwazi njengoMbhemiso, umqotho walo ubhenyelwe inzululwane nekhanda elididizelayo. Yebo kunjalo . Kodwa lubuye lube wumuthi wokwelapha isifo sokuwa  ,kuye kusebenze amakhasi kulo muthi , ayabiliswa , abe yisiphungo sesifuba nesifo sokuwa. Uyangena futhi endukwini yokushunqisela umuntu onesifo sokudlikiza . Ubuye uchathe nabantwana abancane ukuphozisa esiswini. Lena kweBatswana izinsizwa zakhona ziyawufaka embizeni yokulola imbazo uma isibuthuntu. Nanso isithombe sawo ngenhla #Khumu!

Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sesibili}

Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sesibili}   -{Isisho} *{Incazelo} -Ukuqunga isibindi *Ukumisa isibindi -Ukushaya ngemfe iphindiwe *Ukukhohlisa umuntu -Ukushaya ubhuqe *Ukuqeda kungasali lutho -Ukusha ngoCetshwayo *Ukuhamba ngonyawo phansi ungazifakile izicathulo -Ukushaya esibomvu *Ukwesutha k... qhubeka ufunde »

Uhla lwemithi yoBusoka {yobusoka neyokwakha uthando}

Uhla lwemithi yoBusoka {yobusoka neyokwakha uthando}   Nina baka Zulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela, uDunjwa yedwa limkhandanise. Kulombhalo ngizothinta imithi eye isetshenziswe ekwakheni uthando , kanye nasebusokeni .        Nxa nsizwa izophuma iyokweshela kub... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi ethinta abesifazane nezingane

Incazelo ngemithi ethinta abesifazane nezingane   Nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe . Kololu hlelo lwemithi ngithinta imithi ewusizo kakhulu ezinganeni kanye nakubantu besifazane . Miningi –ke yona kodwa ngizothinta embadlwana nje kuphela -{Umuthi} *{Incazelo} -... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi yamanxeba

Incazelo ngemithi yamanxeba   -{Umuthi} *{Incazelo} Nina bakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe ngu-Mantshonga benoGqelebana, iMbube shoba liyisilikithi . Lolu hlelo lwemithi engizolubhala lapha luyimithi , iningi luyimithi elapha amanxeba okulimala enyameni , nasemathanjeni , kanye nokw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi yokuphalaza{eguqulayo}

Incazelo ngemithi yokuphalaza{eguqulayo}   -{Umuthi} *{Incazelo} Ziningi izizathu noma ngithi izinhloso zokuphalaza. Ezinye zazo ukuthandeka nokuba nogazi kubantu, ukwelapha isifo esithile esisemzimbeni esifana nedliso, ukuqeda amaphupho amabi, ukuqeda amashwa{ikhona imithi yakhona eqeda amashw... qhubeka ufunde »

IZAGA:Eziphathelene nobungane:

IZAGA:Eziphathelene nobungane:   -{Isaga} *{Incazelo} -Ugwayi nenhlaba *Bezwana kakhulu abehlakani. Kubuye kuthiwe “Amathe nolimi” noma “Umumba nedlelo” -Akuhlanga lwalahlana lodwa *Abantu baluhlanga lunye bayezwana baphuthane nasebubini -Wudwendwe lolimi namathe *Bayezwana abehlukani -... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNgwenyama u-Mbandzeni ka Mswazi II ka Sobhuza I

Umlando ngeNgwenyama u-Mbandzeni ka Mswazi II ka Sobhuza I   Elinye igama leNgwenyama u-Mbandzeni kwakungu-Dlamini wesine. INgwenyama u-Mbandzeni ka Mswazi wesibili yiyona eyalandela uYise iNgwenyama u-Mswazi esihlalweni sobukhosi . Empeleni kwakulindeleke ukuba kube nguMntwana u-Ludvonga ka Ms... qhubeka ufunde »

Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sokuqala}

Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sokuqala}   -{Isisho} *{Incazelo} -Ukukhetha amabala *Kusho ukuhamba ngokukhulu ukuchophelela -Ukweqiwa yiNkezo *Ukudakwa kakhulu, uzilibale negama -Ukwaliwa ukudla\Ukwaliwa ngamabele *Ukudakwa kakhulu , ulwe nabantu , uphoxe -Ukubanga umunyu *Ukudala ubuhlungu ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!