Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngemithi ethinta abesifazane nezingane

Incazelo ngemithi ethinta abesifazane nezingane   Nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe . Kololu hlelo lwemithi ngithinta imithi ewusizo kakhulu ezinganeni kanye nakubantu besifazane . Miningi –ke yona kodwa ngizothinta embadlwana nje kuphela -{Umuthi} *{Incazelo} -INtolwane *Lona wumuthi osebenza ezindaweni eziningana njengoba besengike ngasho ngaphambilini . Iningi liwazi ngokuthi uyaphalazisa ukhiphe eningi inyongo le. Kodwa lo muthi ubuye usebenze nasezinganeni . Impuphu yawo ifakwa edokweni lezingane zidle ekuseni uma zivuka, lelo dokwe zilidla lingafakiw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi yamanxeba

Incazelo ngemithi yamanxeba   -{Umuthi} *{Incazelo} Nina bakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe ngu-Mantshonga benoGqelebana, iMbube shoba liyisilikithi . Lolu hlelo lwemithi engizolubhala lapha luyimithi , iningi luyimithi elapha amanxeba okulimala enyameni , nasemathanjeni , kanye nokw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi yokuphalaza{eguqulayo}

Incazelo ngemithi yokuphalaza{eguqulayo}   -{Umuthi} *{Incazelo} Ziningi izizathu noma ngithi izinhloso zokuphalaza. Ezinye zazo ukuthandeka nokuba nogazi kubantu, ukwelapha isifo esithile esisemzimbeni esifana nedliso, ukuqeda amaphupho amabi, ukuqeda amashwa{ikhona imithi yakhona eqeda amashw... qhubeka ufunde »

IZAGA:Eziphathelene nobungane:

IZAGA:Eziphathelene nobungane:   -{Isaga} *{Incazelo} -Ugwayi nenhlaba *Bezwana kakhulu abehlakani. Kubuye kuthiwe “Amathe nolimi” noma “Umumba nedlelo” -Akuhlanga lwalahlana lodwa *Abantu baluhlanga lunye bayezwana baphuthane nasebubini -Wudwendwe lolimi namathe *Bayezwana abehlukani -... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNgwenyama u-Mbandzeni ka Mswazi II ka Sobhuza I

Umlando ngeNgwenyama u-Mbandzeni ka Mswazi II ka Sobhuza I   Elinye igama leNgwenyama u-Mbandzeni kwakungu-Dlamini wesine. INgwenyama u-Mbandzeni ka Mswazi wesibili yiyona eyalandela uYise iNgwenyama u-Mswazi esihlalweni sobukhosi . Empeleni kwakulindeleke ukuba kube nguMntwana u-Ludvonga ka Ms... qhubeka ufunde »

Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sokuqala}

Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sokuqala}   -{Isisho} *{Incazelo} -Ukukhetha amabala *Kusho ukuhamba ngokukhulu ukuchophelela -Ukweqiwa yiNkezo *Ukudakwa kakhulu, uzilibale negama -Ukwaliwa ukudla\Ukwaliwa ngamabele *Ukudakwa kakhulu , ulwe nabantu , uphoxe -Ukubanga umunyu *Ukudala ubuhlungu ... qhubeka ufunde »

IZAGA:Ezeluleka ukuba umuntu azenzele

IZAGA:Ezeluleka ukuba umuntu azenzele   -{Isaga} *{Incazelo} -Ibuzi laziwa ngumlaleli *Into yaziwa ngulowo ozihlupha ngayo -Imbila yeswela umsila ngokulayezela *Zenzele, ungabothembela kwabanye ukuba bakwenzele izinto -Isisu esihle ngesibonwa yilanga *Sebenza, ngeke uthole lutho uma ungasebenzi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi eyizintelezi

Incazelo ngemithi eyizintelezi   Nina beMbube eshoba liyisilikithi u-Hlamvana bhul’umlilo eNdulinde ! Uma kukhulunywa ngemithi eyizintelezi kusuke kukhulunywa ngemithi esetshenziswa kakhulu emacaleni , ezimpini , emngangeleni , enqineni , ekuqedeni amalumbo , ekuvikeni impahla yomuzi- kungaba... qhubeka ufunde »

Incazelo ngokweshela ,ukukhuzela, ukushikila nokusoma

Incazelo ngokweshela ,ukukhuzela, ukushikila nokusoma   UKweshela kwasendulo akusafani nokwalezi nsuku esiphila kuzona, mhlawumbe kungenxa yokuthi nempilo yanamuhla kwayona nje ayisefani neyasendulo, izinto seziyashesha . Endulo ziningi izinto ezazenziwa uma insizwa iqomisa intombi . Ukuqomisa ... qhubeka ufunde »

Amakhambi ezifo eziphelekezelwa uqhuqho

Nina baka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu. Ake sibheke imithi yesintu eyelapha izifo ezithinta uqhuqho {ezigodolosayo} . Kubalulekile ukuba umfundi walo mbhalo aqonde ukuthi emithini yesintu kuyenzeka ukuthi umuthi welaphe izifo eziningi uwodwa, noma ngithi wenze i... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!