Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngeSambane\Aardvark\Anteater

  Nina abe”Mbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjenge kaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe”! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha , thina sisaphila kwaSokhumalo. Lesi silwane enisibona esithombeni kuthiwa yiSambane ngesiZulu,ngesiLungu kuthiwa yiAardvark, noma yiAnteater. ISambane siziphilisa ngokuzidlela izinambuzane , izintuthwane , umuhlwa kanye nokunye . Kuyileso sizathu sibizwa ngeAnteater. ISambane sidume ngokumba imigodi ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngPhuphuma\Securidaca longipedunculata {uBulawu beDlozi}

  Nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! USela lintongande lawo Baleka elithabathe umshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba ukuthi basaphila abeSilo . Cha , thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beM... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoCakalithethwa\uNdodakayiphikiswa.

Nina abakaNdaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Nina beQhawe nango-ke uCalakalithethwa , umuthi omkhulu wamacala njengoba negama ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMvukuzane\Mole\Cape golden Mole

Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili, iMvukuzane ka Ndaba evukuz’ubusuku iye yabonwa nguMame wasemaNdebeleni! UQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ngethemba basaphila a... qhubeka ufunde »

Incazelo ngesilwane iNyengelezi , Poecilogale albinucha

    Nina abeNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe iNkonyane encane kaNdaba edid’imibala, uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu, uSihlangu simagqabha sinamanxeba! Enhla nasezansi ngiyababingelela bonke abeZulu eliphezulu. Ngethemba basaphila bonke abeNgonyama yakithi eNaleni. INyengelezi:... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBulawu iNingizimu.

  Nina abaka Klebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UHlanya olusemehlweni amadoda, uNomakhwelo iNgonyama! Enhla nasezansi ngiy... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMnqandane\Bluebush\Monkey-plum\Monkga-nku:::

  Nina baka Singquma kakhulumi akanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! uQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane!! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abakaJininindi ka Ndaba omnyama. Cha, thi... qhubeka ufunde »

USingalwesalukazi 

USingalwesalukazi Lona wumuthi owelapha izifo ezithi azibe ningana. Njengoba ngihlezi ngisho ukuthi kuyenzeka ukuthi umuthi wenze eminingi imisebenzi empilweni yomuntu ube uwodwa. NoSingalwesalukazi nalo-ke lunjalo . Abaningi balwazi njengoMbhemiso, umqotho walo ubhenyelwe inzululwane nekhanda elididizelayo. Yebo kunjalo . Kodwa lubuye lube wumuthi wokwelapha isifo sokuwa  ,kuye kusebenze amakhasi kulo muthi , ayabiliswa , abe yisiphungo sesifuba nesifo sokuwa. Uyangena futhi endukwini yokushunqisela umuntu onesifo sokudlikiza . Ubuye uchathe nabantwana abancane ukuphozisa esiswini. Lena kweBatswana izinsizwa zakhona ziyawufaka embizeni yokulola imbazo uma isibuthuntu. Nanso isithombe sawo ngenhla #Khumu!

Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sesibili}

Izisho nezincazelo zazo{Isiqephu sesibili}   -{Isisho} *{Incazelo} -Ukuqunga isibindi *Ukumisa isibindi -Ukushaya ngemfe iphindiwe *Ukukhohlisa umuntu -Ukushaya ubhuqe *Ukuqeda kungasali lutho -Ukusha ngoCetshwayo *Ukuhamba ngonyawo phansi ungazifakile izicathulo -Ukushaya esibomvu *Ukwesutha k... qhubeka ufunde »

Uhla lwemithi yoBusoka {yobusoka neyokwakha uthando}

Uhla lwemithi yoBusoka {yobusoka neyokwakha uthando}   Nina baka Zulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela, uDunjwa yedwa limkhandanise. Kulombhalo ngizothinta imithi eye isetshenziswe ekwakheni uthando , kanye nasebusokeni .        Nxa nsizwa izophuma iyokweshela kub... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!