Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoMgcagco

   **UMGCAGCO NOMA UDWENDWE** Uyini uMgcagco ? Umgcagco umcimbi owenziwa uma intombazane iyogana. Lomcimbi ungaba phakathi kwezinsuku ezimbili kuya kwezintathu, kuya ngenqubo yezigodi nemindeni ngokwehlukana kwayo. Umlobokazi esezilungiselele ukuyogana kozibanibani, usuku lukhethwa ngokuthi kuvumelane abakhongi kanye nomndeni wentombazana.Umlobokazi uyazotha esekhona la kwabo ikakhulu kazi uma sekusondele izinsuku zodwendwe lakhe. Uyahlonipha ambathe emahlombe ngetshalo elincane ukukhombisa ukuthi seluse mome usuku olukhulu.Kuthiwa futhi usuke ehlonipha izinkomo lezi ezafika lapha kubo ukuzo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMdakane (Apodytes dimidiate)

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !#ISilo uShaka leso! Nina beSilo ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi, ngeth... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uSitheku ka Nzibe no Mpande

  Umlando ngoMntwana uSitheku ka Mpande  Nina abakaMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina beSilo ake sibheke umlando kaMntwana uSitheku ka Mpande. UMntwa... qhubeka ufunde »

Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uDingiswayo ka Jobe ,yaBathethwa.

Nina beSilo enhla nasezansi ngiyanibingelela , ngethemba nisaphila enyangeni ka Ntulikazi (Julayi) sesiyigoqa. Nina beMbube ake sibheke izibongo zeSilo saBathethwa , iSilo uDingiswayo. Yisona phela iSilo saBathethwa esaqala umsebenzi wokuhlanganisa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa, okungumsebenzi ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNduna uMdlaka wakwaLanga.

  Umlando ngeNduna uMdlaka wakwaLanga   Nina abeGwija lika Mdlaka ligwegwe liyeze abasini beNgoma.UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.ISilo uShaka leso.UMdlaka othinteka kulezi zibongo wayengowakwaNtshangase,wayezalwa nguNcidi.Babebabili oMdlaka,... qhubeka ufunde »

UMngwenya(Harpephyllum caffrum )

Nina abakaGaqa libomvu lawoBathonyile ,iSibuko sikaMaphitha benoNzibe , abebezibuka ngaso beya kwaNkosinkulu! IGwagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej”iShowe , kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela ! #iISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeMbybe eshoba liyisilikthi. ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMvuthwamini(Carthium inerme , uDlozi la beZizwe)

Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe ! Enhla nasezansi ngiyanibingelela nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila ! UMvuthwamini: Nina abeSilo lo muthi eniwubona esithombeni esi... qhubeka ufunde »

UMaphipha oyintelezi(Albuca fastigiate)

.Nina abeNzima eyiwukwena koMkhumbane -khona kwena kungafakwa lunyawo! UGaga ngamanzi angawesi mlomo! Amanzi wodwa asale ababaze! UMlungu ongaphesheya komfula! Omunye ungaphgesheya kukaMpehlela noMaqhwakazi! UFipha luyiNdlovu enamanxeba ! #ISilo uDingane leso!!UVezi uMlamlela ngoba ulamulele abafazi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSende lenja (Cucumis africanus )

Incazelo ngeSende lenja  (Cucumis africanus) Nina abaeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobizeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu.ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyab... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoGodide(Jatropha hirsuta)

  Nina abaka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela ! USimayedwa onjengeLanga lona limi lodwa eZulwini ! #ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyayibingel... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!