Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoMthombo

Nina abakaMakhalima akhande njengezulu lona limakhalima limandindizela! USomnandi ka Ndaba woza ngoza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina abeSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi , ngethemba isaphila yonke iNgabade. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Lo muthi eniwubonayo nina beSilo kuthiwa uMthombo igama , hhayi uMthombothi. UMthombothi wopha ubisi oluyingozi emehlweni.*Ngibonge kakhulu kuMfoka Gigaba okunguyena oshuthe lesi sithombe . Ngicela nimlandele kuFacebook , igama lekhasi lakhe u Mntambo Gigiba , niyokleza nidele kokaNondlini*. Nina beSilo le Nduku ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSinkwe (Bush Baby)

Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! Nina beSilo ngiyabingelela sesizogoba izinkophe . Lesi silwane enisibona esithombeni sibizwa ngeSinkwe ngesiZulu, ngesiNgisi kuthiwa i-Bush baby . NgesiNdebele saseZimbabwe sibizwa ngeMpukunyoni. ISinkwe siyilisilwane esingabonakal... qhubeka ufunde »

UFoshela (IKhambi lakwaNgcobo, Felicia erigeroides)

Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngethemba nisaphila nina beSILO. Nanso-ke iNduku yoBulomo ,iNkunzimalanga lena ngiokwakha uBulomo. Ifana noBuvimbo. Lana uyathandeka izintombi zikwethwale ngeQoma. Iyalwak... qhubeka ufunde »

IGwalagwala (Purple crested turaco)

  Nina abakaGuqabadele iNhlambamasoka! IGwalagwala likaMenzi elisuk”eNtumeni kwabhej”iNdulinde kwaya kwabhej”iShowe kwaze kwaya kwabhej”uLwandle noThukela!! UThambekeka wena owaliwayo uThambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi !! Ngethemba bayaphila abeZulu eliphezulu! Nalo-ke iGwalagw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoDlutshana (uDlutshani,Afroaster hispida)

Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi, kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olwesemehlweni amadoda! Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi... qhubeka ufunde »

UHlunguhlungu lweNtaba (UHlunguhlungu olumhlophe)

Nina abeZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana ngangezinyembezi! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , cha , thina sisaphila eMantungweni . *Nalo-le uHlunguhlungu lweNtaba nina beSilo , izimpande zalo zi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNgwavuma (Prunus africana)

INgwavuma (Prunus africana) Nina bakaSobathintele wakithi eMgungundlovu , uFipha luyiNdlovu enamanxeba! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo ! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga (amaBhunu ka Pretorious) . Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iNgabade ngeth... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNgobamakhosi (Olinia Ventosa)  

Nina abeSilo sakithi oSuthu uMphangela langa lingakaphumi kwaNdunu! Lithe liphuma laliphuma nezingazi zamadoda! Lazithatha izihlangu zikaMandlakazi! #uMamonga lowo!ISilo sakithi oSuthu.  Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba basaphila kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona. Thina s... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMgcagco

   **UMGCAGCO NOMA UDWENDWE** Uyini uMgcagco ? Umgcagco umcimbi owenziwa uma intombazane iyogana. Lomcimbi ungaba phakathi kwezinsuku ezimbili kuya kwezintathu, kuya ngenqubo yezigodi nemindeni ngokwehlukana kwayo. Umlobokazi esezilungiselele ukuyogana kozibanibani, usuku lukhethwa ngokuthi kuvume... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMdakane (Apodytes dimidiate)

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !#ISilo uShaka leso! Nina beSilo ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi, ngeth... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!