Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngoNdunankulu u-Masiphula ka Mamba Ntshangase

U-Masiphula ka Mamba wayengowakwaNtshangase isibongo , wayeyiQhawe leNgonyama u-Dungane kanye neNgonyama u-Mpande . Abantu bakwaNtshangase babeyingxenye yabantu bakwaZulu, empeleni abakhona impela kwaZulu futhi akufanele baganiselane. Laba bantu bakwaNtshangase bakanye nabakwaBiyela. Baphuma esendeni leNkosi u-Ndaba ka Phunga waseGazini/eMgazini. Umuzi waseGazini kwakungu-Muzi weNkosi u-Ndaba lapho eyayihlabela khona imfuyo ikakhulukazi izinkomo uma kunomcimbi omkhulu wesizwe . IGazi lalengewona umuzi omkhulu, umuzi omkhulu kwakuseMqekwini. Kuhambe kwabamba kwagcina kuqubuke ingxabano phakathi... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNkosi u-Ngqengelele ka Mvulana Buthelezi

Umlando ngeNkosi u-Ngqengelele ka Mvulana yaMaShenge. Abantu bakwaButhelezi kuthiwa bazalwa ngu-Buthelezi yena ozele u-Ndaba , u-Ndaba uzele u-Shenge ozele u-Mageba okungeyana kodwa owakwaZulu ngoba owakwaZulu yena uzalwa ngu-Zulu . U-Mageba wakwaZulu yena uzele Ndaba ozele u-Jama ,yena wazala u-Sen... qhubeka ufunde »

Umlando ngesigodi sakwaVukaphansi,eMakhabeleni

  #UmlandoWesizwe KwaVukaphansi, eMakhabeleni Abantu bakwaDlomo eMakhabeleni ngokwezindlu zesizwe bahlangana kukhokho uDinangwe indlalifa kaDlomo. EMakhabeleni aseKranskop iyona ndlunkulu yabantu bakwaDlomo bebonke. Noma ziningi izigodi eMakhabeleni okubalwa kwaSenge, eMhlabathini, eSokheni, eM... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMnu Jacob Gedleyihlekisa Zuma

(Umlando ngowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Gedleyihlekisa Mhlanganyelwa Zuma . ) UMnu Jacob Gedleyihlekisa Zuma osawadla anhlamvana wazalelwa endaweni yaseNkandla mhla ziyi-Shumi nambili kuAphuleli(Mbasa) ngowe 1942 . Le nsizwa ingenye yezinsizwa eseziyibekile induku ebandla . UBaba uZuma uzalwa ... qhubeka ufunde »

Amagama ezinkanyezi

Izinkanyezi -(Inkanyezi) *(Incazelo) Engakafiki amaPhumalimi neKhalenda oKhokho bethu babenezindlela zokubona noma ezekwehlukanisa izikhathi zonyaka. Babekwazi futhi nokubona ukuthi sekuyisikhathisini ebusuku. Ezinye zezindlela ababebona ngazo noma ababehlukanisa ngayo izikhathi kwakuba yizo izinkan... qhubeka ufunde »

Izinhlobo zezinduku

Izinhlobo zezinduku -(Igama lenduku) *(Incazelo) -UZime /UDondolo *Induku ende edondolozela abantu asebekhulile , izintombi ezindala nezinsizwa ezindala. Elinye igama lale nduku kuthiw uDlwedlwe . -UMshiza/UMzaca *Induku yokushaya eyenziwa ngemithi eqinile , noMqalothi , iKlolo,iNqayi, uMhlwampunzi ... qhubeka ufunde »

Izikhali zakwaZulu

Izikhali zakwaZulu -(isikhali) *(incazelo) -IKlwa *IKlwa wuhlobo lomkhonto obuye ubiziwe ngokuthi yiJozi . Umphini (uthi) walo mfushane kanti ukudla kude futhi kubanzi. -IKhebezane *IKhebezane licishe lifane neKlwa kodwa lona uthi lwalo luthe ukuba lude kolweKlwa. Ukudla kude ,kubanzi kodwa kunamaze... qhubeka ufunde »

Imibala yezinkomo

Imibala yezinkomo -(igama) *(umbala) -Iklalathi * Inkomo ebomvu noma emnyama enebala elimhlophe ngaphansi kwentamo. Uma kungeyensikazi kuthiwa iklalathikazi -Inzima/ Inzimakazi *Inkomo emnyama bhuqe enganalo ibala . Kunesisho sesiZulu esithi iNzimakazi izala iLungakazi nokuchaza ukuthi ‘ingane... qhubeka ufunde »

Ukumisa kwezinkomo

UKumisa kwezinkomo. -(Igama) *(Ukumisa kwayo) -IMbedula * Inkomo esidala enezimpondo ezibheke phezulu ,zase zivuleka , zasontana . – INxele *Inkabi enophundo olulodwa, olubheke phansi -ISigedla *Kubuye kuthiwe umdlovu. Lena inkabi enezimpondo ezibheke phansi zazilengela nje, noma zalengela pha... qhubeka ufunde »

Amakhambi omkhuhlane

-(Igama lekhambi) *(Umsebenzi walo kubantu) Endulo bengakabikho oDokotela noNgoti bezemithi oKhokho bethu babethembele emakhambini esintu ekwelapheni izifo. Ayebesebenzela , elapha ngisho izifo eziyingozi ezazibangwa izibawu kanye nomiyane . Lawo makhambi asekhona nanamuhla ize iningi lethu seliwash... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!