Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane

Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane  UMagolwana kaMkhathini Jiyane wayeyimbongi enkulu yakwaZulu . Waphila kusukela ngesikhathi seNgonyama uShaka kaSenzangakhona kaJama kwaze kwaba isikhathi seNgonyama uMpande kaSenzangakhona . Abantu bakwaJiyane babekade beyingxenye yabantu baseMantshalini . Bakhishwa eMantshilini ngemuva kokuba enye yezingane zabo ikhulelise intombi yaseMantshilini. Leyo ngane yagcina isithole igama elisha kwathiwa inguJiyane ngoba ijiyise ikhaya . Laba bantu bakwaMtshali bakanye nabakwaMashazi , Bukhosini,Ndebele nabanye . UJiyane esekhishiwe ekhaya wazala uMkhathini o... qhubeka ufunde »

Umlando ngamakhosi akwaButhelezi

Umlando ngamakhosi akwaButhelezi  Abantu bakwaButhelezi bangabaNguni bohlobo lwamaNtungwa Nguni . Laba bantu baduma ngokwazi ukunonophalisa ulimi lwesiZulu nangamagama okuhlonipha . Njengabo bonke abaNguni nawo aMaShenge aqhamuka enhla nezwe lapho sekuseSudani khona ,ehla njalo aze ayozinza kwa... qhubeka ufunde »

Umlando ngezibongo (ucwaningo olisaqhubeka)

Umlando  ngezibongo(ucwaningo olisaqhubeka): AbakwaMasikane Basikwa inkosi uMakhedama wakwaDlomo oTibaAbakwaMasikane kusengabantu bakwaDlomo emMakhabeleni basikwa uNdabambi kaMdimane ngenxa yesenzo sendodakazi uNodada Dlomo owaphinga nomfowabo.Kwaphuma isinqumo emndenini wakwaDlomo ukuthi abadi... qhubeka ufunde »

Umlando ngeKumkani uHinsa kaKhawutha : Aah! Zanzolo!

Umlando ngeKumkani uHinsa kaKhawutha :Aah! Zanzolo! IKumkani  uHinsa yabusa isizwe samaXhosa kusukela ngowe 1820 kuze kube unyaka we 1835 lapho yakhothama khona ngesandla somNgisi uGeorge  Southey . Leso kwakuyisikhathi sezimpi zakwaXhosa ezaziwa ngokuthi ‘ amaFrontier Wars’ . ... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseTshaneni

Impi yaseTshaneni Impi yaseTshaneni yabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweNgonyama u-Mamonga woSuthu noMandlakazi ngaphansi koMntwana u-Zibhebhu Zulu . Le mpi siyangayichaza ngokuthi kwakuyimpi yokubuyisa izibduku ngoba iSilo u-Mamonga sasidinga ukujezisa uMntwana u-Zibhebhu ngayekwenze kuYise waso i... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi u-Ngwana Maseko

U-Ngwana Maseko *UNgwana kaKhubonye Maseko Abantu bakwaMaseko bangaMaThonga Nguni ngokwezigaba zabeNguni. Eminyakeni yama 1700  laba bantu bakwaMaseko ‎sibathola bezinze lapho sekuyiSwazini khona namuhla. Njengabo bonke abeNguni nabo babekade beqhamuke eNkabazwe yezwekazi laseAfrika. Ngenkath... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNozishada kaMaqhoboza Nzuza

UNozishada kaMaqhoboza Nzuza UNozishada ka Maqhoboza wabe eliqhawe elikhulu likaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingane kaSenzangakhona. Ibutho lakhe kwakuwuDlambedlu nokuyibutho elabuthwa yiNgonyama uDingane kaSenzangakhona . Abantu bakwaNzuza bazalwa nguNdebele owabe eyindodana encane kaMnguni kaNtu .... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi uNomvimbi (uNina weSilo uDinuzulu)

INdlovukazi uNomvimbi Mzimela (uNina weSilo uDinuzulu) INdlovukazi uNomvimbi (okaMsweli) Mzimela yayinguNina weSilo uDinuzulu kaCesthwayo iSilo saseMkhontweni . Kusuke kushiwo yona ezibongweni zeSilo uDinuzulu uma kuthiwa ‘Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile’. Uyise weNdlovukazi uNomvi... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdlela kaSompisi Ntuli

UNdlela kaSompisi iqhawe lakwaNtuli UNdlela kaSompisi Uma kulandiswa ngomlando wakwaZulu alilibaleki igama likaNdlela kaSompisi Ntuli. Le nsizwa yakwaNtuli yabe iyiqhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane . Yayibuthelwe ebuthweni iNtontela nokuyibitho elalimbandakanya uMntwana u-Senzangakhona ,u... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uDingiswayo yaBathethwa

INkosi u-Dingiswayo kaJobe yaBaThethwa Inkosi u-Dingiswayo kaJobe Uma kulandiswa ngomlando wesizwe sakwaZulu awalibaleki nangephutha amagama amakhosi oDingiswayo noZwide kaLanga inkosi yabakwaNdwandwe. Inkosi u-Dingiswayo igama layo lokuzalwa kuthiwa nguGodongwana , elikaDingiswayo yalithola ngesiga... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!