Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngeLokishi laseMlaza

Nina beSilo sakithi kwaDukuza iNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!!!#ISilo uShaka leso , iSilo sakithi kwaDukuza. Nina beSilo ake sibheke umlando omncane ngeLokishi laseMlaza. EMlaza: ILokishi laseMlaza yiLokishi eliseNingizimu -Ntshonalanga yeTheku.Leli Lokishi libuye laziwe ngokuthi kuseNUZ okwabe kuyiNombolo yezimoto (Car Registration)  zangakhona eMlaza. Nokho leyo Nombolo yezimoto izophela maduze ngoba zonke izimoto zakwaZulu-Natal sezizosebenzisa iNombolo eyodwa okuwu ZN . *Ize leli Lokishi namuhla laziwa kakhulu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMvalasangweni   (Gardenia thunbergia )

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , uDunjwa yedwa limkhandanisile!! UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ,ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!!#ISilo uShaka leso , iSilo sakithi kwaDukuza. Enhla nasezansi ng... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMuzi waseKuphakameni

Umuzi waseKuphakameni uyisisekelo sobuNazaretha wawakha uShembe emva kokuhlupheka okukhulu elala endle engenayo indawo lapho owayengaphumula khona nokubeka umthwalo phansi . UJehova wamnika wona ngaphambi kokuya kwakhe eNtabeni yaseNhlangakazi . Yabe ingakaziwa noma ikhona yini. Kwakungumsebenzi omk... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoVumakubangoma omhlophe ( Synaptolepis kirkii )

Nina aboVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala  , lunjengoPhunga waseBulawini , lunjengoVumakubangoma !! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane! #ISilo uDinngane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu. Enhla nasezansi ngiyababinge... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNdabingehlele

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ! IMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise#ISilo uCetshwayo leso , iSilo sakithi oNdini.  Nina beMbube le Nduku eniyibona esithombeni kuthiw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoFoshela ( (IKhambi lakwaNgcobo, Felicia erigeroides)

Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula , izona ezosala zibalilela amanxiweni! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane. Nina beSilo le Nduku ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoSondelangange

Nina abaka Zulu liyazayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! Inkomo eyakhala eMthonanjeni izizwe zonke zayizwa ukulila!!#ISilo sakithi kwaDukuza leso ,iSilo uShaka ka Senzangakhona….Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgab... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSinkwe (Bush Baby)

Nina beSikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha, saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela! Nanso-ke iSinkwe bakwethu, yisilwane lesi esizishaya iNkawu, siyagxuma naso , njengayo iNkawu. Siyakwazi ukugxuma sisuka kwesinye isihlahla ,siya kwesinye. NgesiLungu sibizwa ngeBush Baby ngoba uma s... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtolwane  ( Elephantorrhiza elephantina , Elephant root)

Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!IGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! #ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande . ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoCalakalithethethwa (uNdodakayiphikiswa)

Nina abaka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela!ISikhukhulane sika Ndaba esikhukhule oMame sabetshwatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!! #ISilo uMpande leso ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke ... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!