Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoZekani(Polygala hottentotta)

Incazelo ngoZekani(Polygala hottentotta) Nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.UNomakhwelo iNgonyama,uHlanya olusemehlweni amadoda. IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.Nina beSilo ngiyanibingelela nonke enhla nasezansi.Ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu kungumhla weshumi nezikhombisa kuMbasa{Ephreli} onyakeni ka 2023.Cha,thina sisaphila eMantungweni. UZekani Nina beSilo lobu tshani enibubona esithombeni kuthiwa uZekani igama labo,bungumuthi wezintombi,umuthi wokweshela lona. BuyiSiqomiso esinzima kabi uma sisetshenziswe kahle,ngendlela efane... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMfangilele wakwaMashazi

Umlando ngoMfangilele wakwaMashazi UMfangilele kaMbhungwana kaNyakazamakhanda wakwaMashazi wayeyiNduna yomuzi weNkosi uMzilikazi owawubizwa ngokuthi kuseNdinaneni.Kusuke kushiwo wona umuzi waseNdinaneni ezithakazelweni zabakwaKhumalo uma kuthiwa”Nina waseNdinaneni”. Abantu bakwaMashazi b... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi uNandi Mhlongo

Umlando ngeNdlovukazi yaseMkhindini uNandi Mhlongo Nina abakaMgengi phez’izitha kuseHlobo utshani bude buzokugabanisa.UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela.ISilo uShaka leso.ISilo sakihi KwaDukuza.Nina beSilo ake sibheke umlando weNdlovukazi uNandi,uNina weSilo uShaka.INd... qhubeka ufunde »

Umlando ngoManyosi ka Dlekezela Mbatha

Umlando ngoManyosi ka Dlekezela Mbatha Isisho esithi ‘Sobohla Manyosi ‘ sakheka ngoManyosi uMfoka Dlekezela waseMaMbatheni.Le nsizwa yakwaMbatha yabe iyiQhawe elikhulu leZiNgonyama uShaka,uDingane kanye noMpande.Kuthiwa yayondlekile,iqatha, isukile naseGadeni,iyinde ilaphaya.Kuthiwa le n... qhubeka ufunde »

Umsebenzi wokubuyisa umuntu ongasekho

Umsebenzi wokubuyisa umuntu ongasekho Ngemuva kwesikhathi esingangonyaka noma iminyaka emibili umnumzane noma umama wekhaya eshonile, kwenziwa umsebenzi wokumbuyisa ngokosiko lwesintu. AmaZulu akholelwa ukuthi lapho kusuke kubekwe khona umuntu emathuneni usuke esagciniwe okwesikhashana ngaphambi kok... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMpi yaseMsebe

Umlando ngeMpi yaseMsebe Impi yaseMsebe yaliwa ngoNdasa mhla zingama29 ngowe 1883.Lempi yaseMsebe yayiphakathi koSuthu noMandlakazi.Isizathu esabangela ukuba kugcine kuthathelwane izikhali wukuthi uMntwana uZibhebhu owayehola uMandlakazi ngaleso sikhathi wayelokhu eqhubeke njalo ehlasela amalungu oS... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNyandezulu(Spotted Bush Snake)

Incazelo ngeNyandezulu Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulindwe ububaswe uMantshonga beGqelebana ngethemba nisaphila nina beSilo.Lolu hlobo enilubonayo lubizwa ngokuthi yiNyandezulu.Uhlobo lwenyoka olungenalo nhlobo ulakwa lolu.Futhi  lolu hlobo lwenyoka alunabo ubuthi,n... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeHlalanyosi

Incazelo ngeHlalanyosi Nina bakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama,uNowelamuva wawoShaka.UMdayi sabela kweliphesheya,uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba basaphila.... qhubeka ufunde »

Ukuzalwa wembethe ( An en caul birth \Being born in an amniotic sac )

Incazelo ngokuzalwa wembethe Esizweni sakwaNtu kunesimo lapho ingane izalwe igaxile. Kungaba eyakwaZulu, kwaXhosa, kwaNdebele kwaMthwakazi noma kwaNgwane. ‎Le ngane izalwa yembethe into esamhlwehlwe enamafutha, leyo ngane iyingane yenhlanhla.Le ngane iyigugu labaphansi. Le ngane idinga nje ukunake... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoDabulamafu  (iPhindemuva \Cyanotis speciosa)

Incazelo ngoDabulamafu  (iPhindemuva , Cyanotis speciosa) Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yadeda amadoda.INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga. Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!