Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngeSiqunga(Tambootie grass)

Incazelo ngeSiqunga(Tambootie grass) Nina bakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi,ngeyawo Dambuza ka Ntombela.Enhla nasezansi ngiyazubingelela iziNgabade.Lobu tshani enibubona esithombeni kuthiwa iSiqunga ngesiZulu,ngesiLungu bubizwa ngokuthi i-Tambootie grass.Lobu wuhlobo lo tshani obubaluleke kakhulu kubantu abansundu.Buwumuthi owelaphayo.ISiqunga siyazimilela emahlathini,sikhula sibe side,siyahaya uma usithinta, sinephunga elimnandi. Umsebenzi weSiqunga  Umsebenzi omkhulu weSiqunga owokugeza abantu amathunzi amnyama kanye namabhadi.ISiqunga kug... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSiqunga sikaTikoloshe(uPhalabashimane)

Incazelo ngeSiqunga sikaTikoloshe(uPhalabashimane) Nina abakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela.UNowela muva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.ISilo uMpande leso.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade, ng... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMqokolo(Kei Apple)

Incazelo ngoMqokolo(Kei Apple) Nina abeNdudumo yakithi eMgungundlovu iMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadodaInkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ng... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBhoqo(Ipomoea ablongata)

Incazelo ngoBhoqo(Ipomoea ablongata) Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela.UDunjwa yedwa limkhandanisile.UNdaba omuhle kakhulu,ngiyameba ngimuke naye,ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe.UNomakhwelo iNgonyama uhlanya olusemehlwe... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoZekani(Polygala hottentotta)

Incazelo ngoZekani(Polygala hottentotta) Nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.UNomakhwelo iNgonyama,uHlanya olusemehlweni amadoda. IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.Nina beSilo ngiyanibingelela nonke enhla nasezansi.Ngethemba basaphila bonke abeZulu elip... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMfangilele wakwaMashazi

Umlando ngoMfangilele wakwaMashazi UMfangilele kaMbhungwana kaNyakazamakhanda wakwaMashazi wayeyiNduna yomuzi weNkosi uMzilikazi owawubizwa ngokuthi kuseNdinaneni.Kusuke kushiwo wona umuzi waseNdinaneni ezithakazelweni zabakwaKhumalo uma kuthiwa”Nina waseNdinaneni”. Abantu bakwaMashazi b... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi uNandi Mhlongo

Umlando ngeNdlovukazi yaseMkhindini uNandi Mhlongo Nina abakaMgengi phez’izitha kuseHlobo utshani bude buzokugabanisa.UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela.ISilo uShaka leso.ISilo sakihi KwaDukuza.Nina beSilo ake sibheke umlando weNdlovukazi uNandi,uNina weSilo uShaka.INd... qhubeka ufunde »

Umlando ngoManyosi ka Dlekezela Mbatha

Umlando ngoManyosi ka Dlekezela Mbatha Isisho esithi ‘Sobohla Manyosi ‘ sakheka ngoManyosi uMfoka Dlekezela waseMaMbatheni.Le nsizwa yakwaMbatha yabe iyiQhawe elikhulu leZiNgonyama uShaka,uDingane kanye noMpande.Kuthiwa yayondlekile,iqatha, isukile naseGadeni,iyinde ilaphaya.Kuthiwa le n... qhubeka ufunde »

Umsebenzi wokubuyisa umuntu ongasekho

Umsebenzi wokubuyisa umuntu ongasekho Ngemuva kwesikhathi esingangonyaka noma iminyaka emibili umnumzane noma umama wekhaya eshonile, kwenziwa umsebenzi wokumbuyisa ngokosiko lwesintu. AmaZulu akholelwa ukuthi lapho kusuke kubekwe khona umuntu emathuneni usuke esagciniwe okwesikhashana ngaphambi kok... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMpi yaseMsebe

Umlando ngeMpi yaseMsebe Impi yaseMsebe yaliwa ngoNdasa mhla zingama29 ngowe 1883.Lempi yaseMsebe yayiphakathi koSuthu noMandlakazi.Isizathu esabangela ukuba kugcine kuthathelwane izikhali wukuthi uMntwana uZibhebhu owayehola uMandlakazi ngaleso sikhathi wayelokhu eqhubeke njalo ehlasela amalungu oS... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!