Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoMvuthuza   (Bryophyllum pinnatum,Leaf of life, Never die )

Incazelo ngoMvuthuza Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela.UDunjwa yedwa limkhandanisile.IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma.Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.ISilo uShaka leso,iSilo sakithi kwaBulawayo. Enhla nasezansi ngayababingelela abeSilo,ngethemba basaphila.Sisaphila thina eMaNtungweni.Le Nduku esesithombeni ibizwa ngokuthi uMvuthuza igama layo. UMvuthuza Nina  beSilo le Nduku inamandla amakhulu.Ingakumangaza ngokukududulela isichitho sezintwala zeNgulube ugqume ngayo iyodwa vo ingelekelelwa Nduku.Lena yiNduku ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeKhowa lesihlahla

Nina abakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilimo! UMagalela agase njengeNkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu! UMkhumbi gudluka sibone amaGumgedlela! #ISilo uDinuzulu leso , iSilo sakithi oSuthu. Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeS... qhubeka ufunde »

Incazelo ngenyoni iLanda  ( Cattle egret)

Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo yizona ezosala zibadabula yizona ezosala zibalilela amanxiweni! Isela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! #ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eM... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBuvimbo (Withania somnifera)

Incazelo ngoBuvimbo Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga.UVezi kofa abantu kosala izibongo yizona ezosala zibadabula yizona ezosala zibalilela amanxiweni! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.ISilo uDingane leso,iSilo sakithi eMgungundlovu . Nina beS... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMgadankawu   (uSolo , Albizia adianthifolia)

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi iGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu.ISilo uCetshwayo leso iSilo sakit... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhondweni  ( Cryptocarya myrtifolia)

Nina abakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! UMlunguzi weziNgoje , iziNgoje zilunguzelane! USingqila nganhloko kuzond’intamo nyaka wumbe kuyozonda isibili! !#Inkosi uSenzangakhona leyo! Enhla nasezansi ngiyakhuleka kwabeSilo , ngethemba nisaphila nina bakaNdaba omuhle k... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMkhithika Thebe

UMhlonga kaNkotshana Thebe wayebuye aziwe ngelikaMkhithika Thebe. Le nsizwa yayiqhawe elikhulu lenkosi u-Mzilikazi kaMashobana.  UMkhithika Thebe wabamba elikhulu iqhaza ekwakhiweni kwesizwe sikaMthwakazi okuyisizwe esakhiwa yiNkosi uMzilikazi kaMashobana Khumalo. Nansiya isizwe eNingizimu yezwe la... qhubeka ufunde »

Umlando ngoSomhlolo ka Mahlikivana Mathemba (Mkhwanazi)

Abantu bakwaMathema abatholakala ezweni laseZimbabwe basengabantu bakwaMkhwanazi . Iqhawe esilibona ligqama kakhulu kulengxenyana yesizwe saBaKhwanazi uSomhlolo ka Mahlikivana kaNomi . Kuthiwa laba bantu bakwaMathema isibongo sakwaMathema basithola ngesigameko thizeni ngenkathi besekanye nabanye aBa... qhubeka ufunde »

Uhla lwamabutho enkosi uMzilikazi, yaBaThwakazi

1.Amagogo  Induna yaMagogo kwakunguMaqhekeni wakwaSithole . Leli butho uMaqhekeni wayeliqambe ngoyise uMagogo Sithole owasala empini yaseNtumbane ngenkathi kulwa uZulu naBaNtungwa ngaphansi kweNkosi uMzilikazi . UMaqhekeni wayegqishe neNkosi uMzilikazi . 2. Amatshetshe Induna yaMatshetshe kwakunguS... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uDonda ka Gasa Khumalo

Enhla nasezansi ngiyababingelela abaseMantungweni kanye nesizwe sonke sikaZulu. Ake sibheke umlando wenkosi uDonda ka Gasa Khumalo. Eyayibongwa ngokuthi ingu”Kekela ka Ngobe ongenalo ulaka emuntwini ulaka lwakhe ukuncishana.. Sonani esingoni lutho okwemihlambi yezinyamazane”… **Endulo abantu b... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!