Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngeNyandezulu(Spotted Bush Snake)

Incazelo ngeNyandezulu Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulindwe ububaswe uMantshonga beGqelebana ngethemba nisaphila nina beSilo.Lolu hlobo enilubonayo lubizwa ngokuthi yiNyandezulu.Uhlobo lwenyoka olungenalo nhlobo ulakwa lolu.Futhi  lolu hlobo lwenyoka alunabo ubuthi,ngisho noma lungaluma umuntu akafi futhi akaguli.INyandezu abantu abansundu bayithatha njengenyoka yeDlozi,bayithatha njengeDlozi uqobo kwazise vele ukuze amaDlozi abizwe ngeziNyandezulu kususelwa kulo lolu hlobo lwenyoka.INyandezulu iyathanda ukusondela kubantu futhi inomusa kakhulu ayinalo ulaka ka... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeHlalanyosi

Incazelo ngeHlalanyosi Nina bakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama,uNowelamuva wawoShaka.UMdayi sabela kweliphesheya,uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba basaphila.... qhubeka ufunde »

Ukuzalwa wembethe ( An en caul birth \Being born in an amniotic sac )

Incazelo ngokuzalwa wembethe Esizweni sakwaNtu kunesimo lapho ingane izalwe igaxile. Kungaba eyakwaZulu, kwaXhosa, kwaNdebele kwaMthwakazi noma kwaNgwane. ‎Le ngane izalwa yembethe into esamhlwehlwe enamafutha, leyo ngane iyingane yenhlanhla.Le ngane iyigugu labaphansi. Le ngane idinga nje ukunake... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoDabulamafu  (iPhindemuva \Cyanotis speciosa)

Incazelo ngoDabulamafu  (iPhindemuva , Cyanotis speciosa) Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yadeda amadoda.INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga. Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNyathi  (Afican Buffalo\Cape Buffalo)

Nina abeNyathi ka Ndaba empondo zimakhenkenene,uQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana.INtulo ebande ngoDonga kwaBhekuzulu.ISilo sakithi eNaleni leso,iSilo uMdlokombane.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu.Ngethemba basaphila.Nina beSi... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMpi yaseTshaneni

Impi yaseTshaneni yabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweNgonyama u-Mamonga woSuthu noMandlakazi ngaphansi koMntwana u-Zibhebhu Zulu . Le mpi siyangayichaza ngokuthi kwakuyimpi yokubuyisa izibduku ngoba iSilo u-Mamonga sasidinga ukujezisa uMntwana u-Zibhebhu ngayekwenze kuYise waso iSilo u-Cetshwayo ,... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBisi lweMbuzi   ( Bok Melk )

Nina abakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama uNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu. #ISilo uMpande leso, iSilo sakithi kwaNodwengu . Enhla nasezansi ngethemba basa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSigqiki soMkhovu

Ngiyayibingelela iNdlu ensundu  enhla nasezansi. Nanso-ke iSigqiki soMkhovu nina beSilo. Lesi isihlahla esitshalwa esangweni lekhaya ,ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Sitshalwa yizo zonke izinhlanga, ngisho nabeLungu imbala. Sitshalelwa izizathu ezahlukahlukene. Abantu abansundu basitshalela uk... qhubeka ufunde »

UQeduhlobo/ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi

Nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi. UMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele. UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeSilo. Lesi sithelo enisibona esesithombeni isithelo somuthi okuthiwa u... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMsululu    (uMunde,  Euphorbia tirucalli )

Incazelo ngoMsululu Nina abakaQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane.UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo.Imbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.ISilo uDingane l... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!