Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngempi yakwaMthashana

Umlando ngempi yakwaMthashana/Impi kaSikhobobo   Le mpi yaliwa mhla zingama 6 kuNhlaba ngowe 1902. Impi yakwaMthashana ibuye yaziwe ngempi kaSikhobobo  . USikhobobo wayebongowakwaSibiya ,ezalwa nguBhabhakazana Sibiya. Isizathu sokuthi lempi ibizwe ngaye wukuthi nguyena owayeyihola.  USikhobobo Sibiya wagqama kakhulu kusukela ngesikhathi seNgonyama uMpande,kanti wayesagqamile nangesikhathi seNgonyama uMamonga njengoba impi yakwaMthashana yalwa ngesikhathi sayo iNgonyama uMamonga. USikhobobo Sibiya nguyena owayeyinduna enkulu yaseBaqulusini, wayeqokwe yiNgonyama uMpande ukuba ebe yinduna ... qhubeka ufunde »

Umlando ngabaTlokwa baka Motha

Umlando ngabaTlokwa baka Motha Laba baTlokwa abaziwa ngokuthi bangabaTlokwa ba Mota abaxhumene nabakwaMotha abaphuma kwaThwala. Laba beSuthu esixoxa ngabo lana banyingxenye yabakwaMolefe esibathola bakhe ngaseNtabazwe (Harismith) eminyakeni yama 1800 . Bazalwa uMotha owabe engumfowabo omncane ka Sek... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNxaba kaMbekane Msane

*UNxaba kaMbekane Msane UNxaba kaMbekane wayeyinkosi yabakwaMsane ebusa abakwaMsane ababezinze lapho sukuyiHluhluwe khona. Umuzi wenkosi uNxaba kwakuse Gobeni. Lesi sizwe sakwaMsane sasingalwi ngemikhonto,kepha sasithungela imizi yezitha ngomlilo sishisele phakathi abantu. Lomkhuba wabantu bakwaMsan... qhubeka ufunde »

Umlando ngoSibindwane Mofokeng iqhawe labeSuthu

USibindwane Mofokeng* USibindwane ka  Mangwane ka Ramangwane ka  Malingwane ka Ramadingwane ka Lesoli wayengowakwaMofekeng isibongo, ephuma kuBafokeng bakaPatsa. Phela aBafokeng bahlukaniswe izigaba ezimbili, kukhona aBafokeng bakaPatsa kanye nabaFokeng bakaMmutla.   Le nsizwa yakwaMofokeng yayaz... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNqoboka kaLanga wakwaSokhulu

Umlando ngoNqoboka kaLanga wakwaSokhulu   . UNqoboka kaLanga wayeyiqhawe elikhulu futhi engumngane womkhulu weSilo sakwaDukuza iSilo uShaka kaSenzangakhona . Lezi nsizwa ezimbili zazikhule ndawonye kwaMthethwa ,ziphekwa iNkosi yaBathethwa iNkosi uDingiswayo kaJobe Mthethwa .    UNqoboka wayengum... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseMsebe

Umlando ngempi yaseMsebeImpi yaseMsebe yaliwa ngoNdasa mhla zingama29 ngowe 1883.  Lempi yaseMsebe yayiphakathi koSuthu noMandlakazi . Isizathu esabangela ukuba kugcine kuthathelwane izikhali wukuthi uMntwana uZibhebhu owayehola uMandlakazi ngaleso sikhathi wayelokhu eqhubeke njalo ehlasela ama... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseMaqonqo(Masingana 1840)

Impi yaseMaqonqo (Masingana 1840)Impi yaseMaqonqo eyabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingana kanye noMntwana uMpande kaSenzangakhona yalwa ngoMasingana onyakeni ka 1840 kuphele unyaka nezinyana kuliwe eyaseNcome , eyalwa ngoZibandlela onyakeni ka 1838. AMaqonqo yizintaba ezimbili ezibhe... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseNdondakusuka(2 Zibandlela 1856)

Impi yase Ndondakusuka ebuye yaziwe ngokuthi yiMpiyabantwana yabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande . Lempi yayiqhathwe ngaMankisimane oMantsonga [Captain J Welmsely] kanye noGqelebana [uMfundisi EF Rathbone] . UMantshonga wabe eyinduna yamabutho eKoloni yaseNatali ayeqhaphe umn... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane

Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane  UMagolwana kaMkhathini Jiyane wayeyimbongi enkulu yakwaZulu . Waphila kusukela ngesikhathi seNgonyama uShaka kaSenzangakhona kaJama kwaze kwaba isikhathi seNgonyama uMpande kaSenzangakhona . Abantu bakwaJiyane babekade beyingxenye yabantu baseMantshalini . B... qhubeka ufunde »

Umlando ngamakhosi akwaButhelezi

Umlando ngamakhosi akwaButhelezi  Abantu bakwaButhelezi bangabaNguni bohlobo lwamaNtungwa Nguni . Laba bantu baduma ngokwazi ukunonophalisa ulimi lwesiZulu nangamagama okuhlonipha . Njengabo bonke abaNguni nawo aMaShenge aqhamuka enhla nezwe lapho sekuseSudani khona ,ehla njalo aze ayozinza kwa... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!