Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoMaphipha oyiNtelezi ( Albuca fastigiate)

Nina abeNzima eyiwukwena koMkhumbane khona kwena kungafakwa lunyawo! UGaga ngamanzi angawesi mlomo! Amanzi wodwa asale ababaze! UMlungu ongaphesheya komfula! Omunye ungaphgesheya kukaMpehlela noMaqhwakazi! UFipha luyiNdlovu enamanxeba ! #ISilo uDingane leso!!UVezi uMlamlela ngoba ulamulele abafazi namadoda! Enhla nasezansi niphile nina beMbube , sisaphila thina eSichabeni. UMaphipha oyintelezi. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo uMaphipha oyintelezi. Njengoba ngake ngasho ngaphambilini, babili oMaphipha nina beSilo, kukhona uMaphipha ikhubalo kanye noMaphipha oyintelezi. Bobabili oMaphipha bayan... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMshekisane  (Euclea crispa)

Nina abakaSimayedwa onjengeLanga lona limi lodwa eZulwini! UNowelamuva wawoShaka, uMdayi sabela kweliPhesheya uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni! UMandasithebeni lo onjengeNsonyama!#Enhla nase zansi ngiyayibingelela iNgabade, sisaphila thina kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi eni... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNsele  (Honey Badger)

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlele! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UHlabahlungu bazoshumayena abasezitheni nabasemakhaya!!#ISilo sakithi KwaDukuza leso iSilo uShaka ka Senzanga... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoKalimuzi ( Kalmoes ,Acorus Calamus)

Nina aboVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu!UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! #ISilo sakithi eNaleni leso, iSilo uMdlokombane ka Bhusha ka Nayifi..  Nina beSilo le Nduku  eniyibonayo ibizwa ngoKalimuzi ngesiZulu oku... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoQonsi   (Eriosema umtamvunense)

Nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! USihlangu simagqabha sinamanxeba! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu!!#ISilo sakithi eNaleni leso iSilo uMdlokombane……Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeS... qhubeka ufunde »

Umlando ngeLokishi lakwaMashu

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UDunjwa yedwa limkhandanisile! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!#ISilo sakithi KwaDukuza leso. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba nisaphila nina beNgwazi . ….Nina beSilo ake sibheke umland... qhubeka ufunde »

Umlando ngeDolobha laseMkhondo (Piet Refief)

Nina bakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo , iNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyofa uMdelebe!!#Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo ake sibheke umlando ngeDolobha laseMkhondo . EMkhondo Leli Dol... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNhlokoshiyane ( Searsia tomentosa )

Nina bakaMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni, uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu,UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yezinyamazane!#ISilo uMpande leso .ISilo sakithi kwaNodwengu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMavumbukuka  ( Sarcophyte sangainea, iHlule)

Nina abeNkayishana enkulu ka Menzi ephuza uMlaza ngameva ! ULanga lisehlule madoda sesingamavithi!#ISilo sakithi kwaDlamahlahla leso , iSilo uSolomoni ka Dinuzulu.. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Ngethemba basaphila. Le Nduku eniyibonayo  kuthiwa uMavumbuka igama layo .Ibuye ibizwe ngeHl... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMoyawezwe   (Gerbera  piloselloides)

Nina abakaMancwaba wezwe lamaphethele lona lincwaba ngemikhemezelo! Isela lintongande lawoBaleka lithabathe umshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! USingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya!! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane ka Senzangakhona!.. Nina b... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!