Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngesiko lokuKlekla

Incazelo ngeSiko lokuKlekla Isiko lokuKlakla(ukuchambuza)Uma sibuza kubantu abadala mayelana nokuqala kwaleli siko sithola izincazelo ezimbili. Eyokuqala incazelo ithi leli siko laqala ngesikhathi seNgonyama uShaka.Kuthiwa iLembe lathi lapho liyekisa abantu ukusoka lasungula isiko loklekla noma ukuchambuza. Isizathu sithi,kuyoba nesikhathi lapho izizwe ziyobe zehlukaniswa esinye kwezinye. INkosi uShaka wathi esakhe isizwe ufuna sehlukaniswe ngokuklekla izindlebe zombili. Enye incazelo ithi leli siko laqala kudala ngesikhathi abaNguni besazinze enhla nezwe. Isizathu sithi,umuntu ongakleklile us... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseSandlwana (22 ku -Masingana 1879)/The Battle of Sandlwana (22 January 1879)

Umlando  ngempi yaseSandlwana #Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo. Impi yaseSandlwana yalwa mhla zingama 22 ku Masingana 1879 . Lempi yayiphakathi kukaZulu namaNgisi, uZulu ngaleso sikhathi wayebuswa iSilo u-Cetshwayo kaMpande . Kulempi uZulu wadla umhlanganiso . Impi yamaNgisi yayiningi nge... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaMakhanda

Impi yaMakhanda Impi yaMakhanda yalwa ngowe 1906 ,lempi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaKhandampondo ,noma yimpi kaBhambatha . UBhambatha lona wayengowakwaZondi ,eyinkosi yakhona ,ezalwa inkosi u-Mancinza . Nguyena owabe ehola lempi ,ebambisene nenkosi u-Sigananda kaZwekufa inkosi yaMachube akwaShezi ... qhubeka ufunde »

Izithakazelo (ZaBaNguni baseMbo)

Izithakazelo zakwa-Mkhize!! Gcwabe,Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,Gubhela,Mumbo omnhlophe,Wena waseMbo,Wena okhanya amasi esiswini,singela,Nhlama eyaphelel’ etsheni,Ngunezi,Mumbo ombulazi,Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,Sibi side esimajembelezana,Sibi side esimaphandla esaphandl’abe... qhubeka ufunde »

izitsha zesintu

Izitsha zokudla zesintuUkudla kubantu bomdabu babekugcina ezitsheni ezahlukene futhi noma kuphakwa kuphakelwe ezitsheni ezifanele, lokho kudla okudliwayo ngaleso sikhathi. Zazisetshenziswa futhi ekutheni zibe izipho uma kwenziwa ubuhlobo phakathi kwemizi eshadelanayo noma kunombondo. Ekudleni kusuke... qhubeka ufunde »

USotobe kaMpangalala wakwaGazu

USotobe kaMpangalala wayelinye lamaqhawe akwaZulu abeka induku ebandla. Ibutho lakhe wakuyiNtontela nokulibutho elalimbandakanya oNdlela kaSompisi Ntuli,Hlathi kaNtopho Ntshangase nenkosi uSenzangakhona kaJama. Lokho kusho ukuthi uSotobe wayemdala eNgonyameni uShaka naseNgonyameni uDingane. USotobe ... qhubeka ufunde »

INGEDE (Inyoni engumngane wabafana)

INgede/iNhlava inyoni ekhonzwe kakhulu abafana: ‘Amatsheketshe Ngede Nhlava ebizelayo! ‎Basho kanjalo abafana uma bebona le nyoni. Iyathandwa kakhulu abafana. Elinye igama leNgede kuthiwa iNhlava .Lena kithi kwaMzilikazi, kwaMthwakazi le nyoni yaziwa ngokuthi iNsedlu,kanti nalo eleNhlaba li... qhubeka ufunde »

IQHAZA LEZILIMOIZITSHALO :

IQHAZA LEZILIMOIZITSHALO : IZIMILA EZISETSHENZISWA ZILUHETSHEZI Kulolu hlobo lwezimila noma izitshalo kumuncwa ,kuphuzwe noma kunjongo yokuthola amanzi aleso simila esidliwayo . Ukwenza isibonelo uma udla imfe uyayihluba uyidle umfifithe amakhasi ekugcineni .Uvovo wona uyawufola UVOVO: Uju olumnandi... qhubeka ufunde »

AMAGAMA OKUHLONIPHA( Kuya ngezigodi)

AMAGAMA OKUHLONIPHA( Kuya ngezigodi) Ilanga – Itshida / Itshiliba Inhlabathi- Umgabadi Umuntu – Umenzo /Umusho / Isothamlilo Imali – Inkece Amaselwa – Amakhomane Amasi – Amagcubane Intuthwane – Inconcoshiyane Intwala – Incobane Ugqoko – Uhokolo Qeda &#... qhubeka ufunde »

IZIGABA EZINHLANU ZOKUKHULA KWENKOMO:

IZIGABA EZINHLANU ZOKUKHULA KWENKOMO: Inkomo iyisilwane esibaluleke kakhulu kubantu basebuNguni, uthando lwabantu basebuNguni enkomeni luncike kakhulu ekutheni inkomo yenza emikhulu imisebenzi, kulinywa ngayo,iyasengwa, kuyalotsholwa ngayo(ize namuhla sekwalotsholwa nangemali),iyahlatshwa idliwe nok... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!