Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoMphenduli  (Acalypha villicaulis)

Nina abakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso , iSilo uMpande ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngiyabingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Nina beSilo le Nduku le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMphenduli igama layo , ibuye yaziwe ngeMpendulo. Ngilibhalile igama layo leBotanical. Wenzani uMphenduli ?   Nina beMbube impande yale Nduku  isebenza njengoMaguqu, iguqula isimo esibi is... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMasheshisa (uPhakisang)

Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi ! UMudli weNguyazana eydwa kwaNolele!#Enhla nasezansi ngethemba nisaphila nina beSilo . Sisaphila thina kwaSokhumalo. UMasheshisa. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMasheshisa igama layo . AbeSuthu bayibiza ngoPhakisang, b... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtshe  (Ostrich)

Nina abeGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela !! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu!! ##ISilo sakithi oNdini leso , iSilo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoZangume (Helichrysum acutatum)

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! IGwija likaMdaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!! UDlondlwane luya luhlezi luya ludlondlobele luyadla lubeka iSihlangu amadolweni!! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu . Ngethe basaphilala . UZangume Nina be... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeCacane  ( Aloe cooperii)

Nina abakaSingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! USingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqeda umuzi ngokunkenkeza!! #ISilo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeCena  ( Aloe greenii \ Aloe maculata  \Soap Aloe)

Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu ! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! #ISilo sakithi eNaleni leso, iSilo uMdlokombane . Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , ngethemba basaphila . Sisachaza zona iziNhlaba nina beSilo , ph... qhubeka ufunde »

INkalane (Aloe vera)

Nina abaManda sithebeni lo  onjengeNsonyama ! ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayolahla eziNkwazini zoThukeka ! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yiMhlambi yezinyamazane !! INkonyane ka Ndaba eyakhula beyizonda njengesiXhumu senyamazane... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMgojana ka Somaphunga Ndwandwe

Nina beMbube eshoba liyisilikithi ake sibheke umlando ngoMgojana , indodana ka Somaphunga ka Zwide Ndwandwe…*Ngenkathi inkosi uZwide ka Langa inqotshwa yiMpi yeLembe eMpini okuhlawumbiselwa ukuba yalwa ngowe 1821, uSomaphunga wanquma ukuba azinikele eSilweni uShaka okuthiwa samemukela ngezandla ez... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSithwalambiza  (The Praying Mantis)

Nina beMbube eshoba liyisilikithi ngethemba nisaphila . Le silwane esincane enisibonayo sibizwa ngeSithwalambiza ngesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yi-Praying Mantis. Lesi silwane sibuye sibizwe ngoGogo ngoba abantu abansundu bakhulelwa ekutheni uma sike sabonakala ekhaya kusuke kuyiDlozi lo muntu wesifa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNhlaba enkulu  ( Aloe ferox)

Nina bakaSifuba singungu singungubele nyakana sibhobokayo umuntu uyakuziwa izindaba!! UMgwagwa wezulu!! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Lokhu sasiyokwenza amagudu okubhema!! UDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yelanga!! #ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo !!̷... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!