Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoNdabingehlele

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ! IMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise#ISilo uCetshwayo leso , iSilo sakithi oNdini.  Nina beMbube le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa uNdabingehlele igama layo, ngokoLimi loSosayensi ibizwa ngeBasella paniculata . YiNduku yezinsizwa lena . Yenzani le Nduku? Nina beSilo kule Nduku kuye kusebenzi zona iziNduku lezi ezisethombeni .Njengoba le Nduku ibizwa  ngoNdabingehlele nje, leyo ndaba eshiwoyo yindaba yaseKamelweni , indaba yo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoFoshela ( (IKhambi lakwaNgcobo, Felicia erigeroides)

Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula , izona ezosala zibalilela amanxiweni! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane. Nina beSilo le Nduku ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoSondelangange

Nina abaka Zulu liyazayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! Inkomo eyakhala eMthonanjeni izizwe zonke zayizwa ukulila!!#ISilo sakithi kwaDukuza leso ,iSilo uShaka ka Senzangakhona….Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgab... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!