Nina abeNdlovu emnyama yakithi oNdini , ethe imuka babeyixokozelela ! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu! #ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMan... qhubeka ufunde »
Nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe! Endulo ayekade engekho amaWashi , ayengekho futhi namaKhalenda kodwa lokho akusho ukuthi oKhokho bethu babengakwazi ukubona uma sekuzokwethwasa iHlobo, uBusika , iKwindla njalo njalo. Enye yezindlela ababebona ngayo kwakuba yi-zinkany... qhubeka ufunde »
Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu, ngethemba basaphila abeSilo kuwumhlaka wamashumi a... qhubeka ufunde »
Nina bakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni , iNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba ! Enhla nazansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha,thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibona esithomben... qhubeka ufunde »
Nina abakaMakhalima akhande njengezulu lona limakhalima limandindizela! USomnandi ka Ndaba woza ngoza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina abeSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi , ngethemba isaphila yonke iNgabade. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Lo muthi eniwu... qhubeka ufunde »
Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! Nina beSilo ngiyabingelela sesizogoba izinkophe . Lesi silwane enisibona esithombeni sibizwa ngeSinkwe ngesiZulu, ngesiNgisi kuthiwa i-Bush baby . NgesiNdebele saseZimbabwe sibizwa ngeMpukunyoni. ISinkwe siyilisilwane esingabonakal... qhubeka ufunde »
Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngethemba nisaphila nina beSILO. Nanso-ke iNduku yoBulomo ,iNkunzimalanga lena ngiokwakha uBulomo. Ifana noBuvimbo. Lana uyathandeka izintombi zikwethwale ngeQoma. Iyalwak... qhubeka ufunde »
Nina abakaGuqabadele iNhlambamasoka! IGwalagwala likaMenzi elisuk”eNtumeni kwabhej”iNdulinde kwaya kwabhej”iShowe kwaze kwaya kwabhej”uLwandle noThukela!! UThambekeka wena owaliwayo uThambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi !! Ngethemba bayaphila abeZulu eliphezulu! Nalo-ke iGwalagw... qhubeka ufunde »
Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi, kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olwesemehlweni amadoda! Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi... qhubeka ufunde »