Incazelo ngokweshela ,ukukhuzela, ukushikila nokusoma UKweshela kwasendulo akusafani nokwalezi nsuku esiphila kuzona, mhlawumbe kungenxa yokuthi nempilo yanamuhla kwayona nje ayisefani neyasendulo, izinto seziyashesha . Endulo ziningi izinto ezazenziwa uma insizwa iqomisa intombi . Ukuqomisa ... qhubeka ufunde »
Nina baka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu. Ake sibheke imithi yesintu eyelapha izifo ezithinta uqhuqho {ezigodolosayo} . Kubalulekile ukuba umfundi walo mbhalo aqonde ukuthi emithini yesintu kuyenzeka ukuthi umuthi welaphe izifo eziningi uwodwa, noma ngithi wenze i... qhubeka ufunde »
IZAGA: Eziphathelene nomendo . ={Isaga} *{Incazelo} =Umendo kawuthunyelwa gundane *Intombaze uma iyokwenda isuke inazi ukthi iyophatheka kanjani ekhaya layo elisha , ize yazi uma isingenile, seyendile. Lesi saga sisefana nesithi ‘Umendo kawubhulelwa’ =Umswani wembabala kawungeniswa ekhaya... qhubeka ufunde »
IZAGA: Eziphathelene nokungabongi -(Isaga) *(Incazelo) -Ungayishayi ingede ngoju * Bonakalisa umbongo ofanele kulabo abakusizile. Ingede inyoni eholela ezinyosini. Elinye igama layo kuthiwa yihlamva. Akukhombisi umbongo ukushaya ingede ngoju ngoba sewesuthi esikhundleni sokuthi uyibekele amaqhimiza ... qhubeka ufunde »
IZAGA: Eziphathelene nobunzima nokuphela kwethemba. -(Isaga) *Incazelo) -Zinqinda emthumeni/Ukunqinda emthumeni *Sekufike lapho ngingasazi khona ukuthi kufanele ngenzenjani, sengizame ngakho konke okusemandleni -Ubangwa nezibi * Ugula kakhulu , ithemba kalisekho -Sekubonwa ngokusa *Incazelo iyafana ... qhubeka ufunde »
IZAGA: Eziphathelene nokwenza okungenakuba nampumelelo. -(Isaga) *(Incazelo) -Wophotha intambo ende eyifike ezulwini *Noma ungathi uyayibalekela imigilingwane yakho wovele utholwe nje -Uyoze ubambe utalagu ngesandla *Wenza okunganambuyiselo, into engeke ifezeke -Umpheki udla intuthu *Ophekayo uvama ... qhubeka ufunde »
IZAGA: Eziphathelene nenkani -(Isaga) *(Incazelo) -Uyakubuya yedwa njengengubo ka Ziyongo *Myekeni nenkani yakhe kodwa kuyakumfica ukwenza. U-Ziyongo wayengowakwaMthethwa -Isalakutshelwa sibonwa ngomopho *Umuntu ongafuni ukulalela izexwayiso zabanye ugcina ngokuba senkingeni -Umvundla ziyakuwunqanda... qhubeka ufunde »
IZAGA:Eziqondene namagqubu nezisongo -(Isaga) *(Incazelo) -Uyowukhomba umuzi onotshwala/Uyoyikhotha imbenge yomile *Uyobona kahle wena!! Imbenge isitsha esakhiwa ngelala, sincane kubeqoma -Lingawa licoshwe zinkukhu * Ngeke ukubone lokho. Noma ngeke kwenzeke lokho. Kusuke kufungwa -Uyokomela othini n... qhubeka ufunde »
IZAGA: Eziphathelene nofuzo -(Isaga) *(Incazelo) -Inzimakazi izala ilungakazi * Kuyenzeka ukuba izingane zingabafuzi abazali ngezimilo. Inzimakazi inkomo yensikazi emnyama bhuqe engenalo ibala, uma inebadlana ikakhulukazi elimhlophe kuthiwa ilungakazi -Ukhamba lufuze iMbiza *Umntwana ufuza abazali b... qhubeka ufunde »