Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngeNtshe  (Ostrich)

Nina abeGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela !! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu!! ##ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu , ngethemba basaphila.. INtshe…. Zulu omnyama ondlela zimhlophe ,lolu hlobo lwenyoni kuthiwa yi-Ntshe igama lalo. INtshe ingenye yezinyoni ezingakwazi ukundiza, ezethembele ekugijimeni. Akujubane kuloMfo kiyabhujwa. Kanti ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoZangume (Helichrysum acutatum)

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! IGwija likaMdaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!! UDlondlwane luya luhlezi luya ludlondlobele luyadla lubeka iSihlangu amadolweni!! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu . Ngethe basaphilala . UZangume Nina be... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeCacane  ( Aloe cooperii)

Nina abakaSingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! USingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqeda umuzi ngokunkenkeza!! #ISilo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeCena  ( Aloe greenii \ Aloe maculata  \Soap Aloe)

Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu ! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! #ISilo sakithi eNaleni leso, iSilo uMdlokombane . Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , ngethemba basaphila . Sisachaza zona iziNhlaba nina beSilo , ph... qhubeka ufunde »

INkalane (Aloe vera)

Nina abaManda sithebeni lo  onjengeNsonyama ! ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayolahla eziNkwazini zoThukeka ! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yiMhlambi yezinyamazane !! INkonyane ka Ndaba eyakhula beyizonda njengesiXhumu senyamazane... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMgojana ka Somaphunga Ndwandwe

Nina beMbube eshoba liyisilikithi ake sibheke umlando ngoMgojana , indodana ka Somaphunga ka Zwide Ndwandwe…*Ngenkathi inkosi uZwide ka Langa inqotshwa yiMpi yeLembe eMpini okuhlawumbiselwa ukuba yalwa ngowe 1821, uSomaphunga wanquma ukuba azinikele eSilweni uShaka okuthiwa samemukela ngezandla ez... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSithwalambiza  (The Praying Mantis)

Nina beMbube eshoba liyisilikithi ngethemba nisaphila . Le silwane esincane enisibonayo sibizwa ngeSithwalambiza ngesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yi-Praying Mantis. Lesi silwane sibuye sibizwe ngoGogo ngoba abantu abansundu bakhulelwa ekutheni uma sike sabonakala ekhaya kusuke kuyiDlozi lo muntu wesifa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNhlaba enkulu  ( Aloe ferox)

Nina bakaSifuba singungu singungubele nyakana sibhobokayo umuntu uyakuziwa izindaba!! UMgwagwa wezulu!! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Lokhu sasiyokwenza amagudu okubhema!! UDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yelanga!! #ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo !!̷... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhwishamanzi     (Cormorant\uMphishamanzi)

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulindi ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!!#ISilo sakithi oNdini leso iSilo uCetshwayo ka Mpande .Enhla nasezansi ngibabingelela abeZulu eliphezulu. Ngethemba basaphila*****************Le... qhubeka ufunde »

Umlando ngaMakhosi aseBaThenjini, oJama kanye noNdina bakaMnisi:::

Uma kukhulunywa ngaBaThembu kusuke kukhulunywa ngabantu bakwaMthembu kanye nabakwaMvelase. AbakwaMthembu bayiNdlu enkulu yaBaThembu , kanti abakwaMvelase bona bayiNdlu encane . Ngasohlangothini lweNdlu encane yaBaThembu okungabakwaMvelase endulo  kwagqama kakhulu inkosi uNgoza ka Mkhubukeli , esesa... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!