Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoVumakubangoma omhlophe ( Synaptolepis kirkii )

Nina aboVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala  , lunjengoPhunga waseBulawini , lunjengoVumakubangoma !! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane! #ISilo uDinngane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , ngethemba basaphila. Sisaphila thina eMantungweni. UVuma omhlophe . Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uVumakubangoma omhlophe igama layo , yiyona kanye okubongwa ngayo iSilo saseMgungundlovu , iSilo uDingane ka Senzangakhona . Babili oVuma, kukhona omhlophe kanye nobomvu. Nina ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNdabingehlele

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ! IMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise#ISilo uCetshwayo leso , iSilo sakithi oNdini.  Nina beMbube le Nduku eniyibona esithombeni kuthiw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoFoshela ( (IKhambi lakwaNgcobo, Felicia erigeroides)

Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula , izona ezosala zibalilela amanxiweni! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane. Nina beSilo le Nduku ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoSondelangange

Nina abaka Zulu liyazayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! Inkomo eyakhala eMthonanjeni izizwe zonke zayizwa ukulila!!#ISilo sakithi kwaDukuza leso ,iSilo uShaka ka Senzangakhona….Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgab... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSinkwe (Bush Baby)

Nina beSikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha, saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela! Nanso-ke iSinkwe bakwethu, yisilwane lesi esizishaya iNkawu, siyagxuma naso , njengayo iNkawu. Siyakwazi ukugxuma sisuka kwesinye isihlahla ,siya kwesinye. NgesiLungu sibizwa ngeBush Baby ngoba uma s... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtolwane  ( Elephantorrhiza elephantina , Elephant root)

Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!IGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! #ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande . ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoCalakalithethethwa (uNdodakayiphikiswa)

Nina abaka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela!ISikhukhulane sika Ndaba esikhukhule oMame sabetshwatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!! #ISilo uMpande leso ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMaphipha oyiNtelezi ( Albuca fastigiate)

Nina abeNzima eyiwukwena koMkhumbane khona kwena kungafakwa lunyawo! UGaga ngamanzi angawesi mlomo! Amanzi wodwa asale ababaze! UMlungu ongaphesheya komfula! Omunye ungaphgesheya kukaMpehlela noMaqhwakazi! UFipha luyiNdlovu enamanxeba ! #ISilo uDingane leso!!UVezi uMlamlela ngoba ulamulele abafazi n... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMshekisane  (Euclea crispa)

Nina abakaSimayedwa onjengeLanga lona limi lodwa eZulwini! UNowelamuva wawoShaka, uMdayi sabela kweliPhesheya uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni! UMandasithebeni lo onjengeNsonyama!#Enhla nase zansi ngiyayibingelela iNgabade, sisaphila thina kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi eni... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNsele  (Honey Badger)

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlele! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UHlabahlungu bazoshumayena abasezitheni nabasemakhaya!!#ISilo sakithi KwaDukuza leso iSilo uShaka ka Senzanga... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!