Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoDekane   

Incazelo ngoDekane ( Donca, Sesamum trilobum) ina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMashikizela ashiye impi yakhe yakhe! UVemvane luka Phunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyalithinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini lunjengoVumakubangoma! #ISilo uDingane leso .ISilo sakithi  eMgungundlovu . Enhla nasezansi ngethemba nisaphila nina beSilo. **Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa  uDekane igama layo.Kwezinye izindawo yaziwa ngelikaDonca.Lena kwelakwaNgwane ibizwa ngoLudvonca.. NgesiLungu ibizwa ngeSesamum trilobum.. Wenzani uDekan... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeKhakhasi  (Poppy Mexicana)

Nina abeGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela ! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! UThambekeka wena owaliwayo thambeka wawuswe iNtambanana nangezinyembezi . Nina beSilo le Nduku eniyibona ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNdlabaloyi (iNduku)

Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela!! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMancengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala…..#ISilo uShaka leso , iSilo sak... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdlunkulu uMonase ka Mntungwa Nxumalo 

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZukwini ! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo uMpande leso.. Nina beSilo ake sibheke umlando ngoNdlunkulu uMonase Nxumalo , uNdlunkulu weSilo uMpande .. Wayebongwa ngokuthi USidididi! Umbiliniwezinkabi, Udladlalikhangom... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMtholo   (Acacia caffra)

Nina abeZulu eduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo , UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixaxelegu!! #ISilo uCetshwayo leso iSilo sakithi oNdini……………. Enhla nasezansi ngiyababingelela bingele... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlonishwa  (Psoralea pinnata )

Nina aboVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili ! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana!# ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdlokombane ..Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. UMhlonishwa N... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkankane   (Hadada ibis)

AMankankane uhlobo lwezinyoni  okukholelwa ekutheni luhlola okubi. Umbala waMankankane unkankane ,kodwa uma uqala ukuwabona aMankankane , kuba ngathi umbala wawo unsundu nokukhatheleyo..Lihle iNkankane, okubi ngalo alihloli inhlanhla *Kuthiwa uma like lwadabula phambi kwakho osohambweni usuke uzoba... qhubeka ufunde »

Umlando ngeLokishi laseMlaza

Nina beSilo sakithi kwaDukuza iNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!!!#ISilo uShaka leso , iSilo sakithi kwaDukuza. Nina beSilo ake sibheke umlando omncane ngeLokishi laseMlaza. EMlaza: ILokishi laseMlaza yiLokishi eliseNingizi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMvalasangweni   (Gardenia thunbergia )

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , uDunjwa yedwa limkhandanisile!! UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ,ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!!#ISilo uShaka leso , iSilo sakithi kwaDukuza. Enhla nasezansi ng... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMuzi waseKuphakameni

Umuzi waseKuphakameni uyisisekelo sobuNazaretha wawakha uShembe emva kokuhlupheka okukhulu elala endle engenayo indawo lapho owayengaphumula khona nokubeka umthwalo phansi . UJehova wamnika wona ngaphambi kokuya kwakhe eNtabeni yaseNhlangakazi . Yabe ingakaziwa noma ikhona yini. Kwakungumsebenzi omk... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!