Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngeSithwalambiza  (The Praying Mantis)

Nina beMbube eshoba liyisilikithi ngethemba nisaphila . Le silwane esincane enisibonayo sibizwa ngeSithwalambiza ngesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yi-Praying Mantis. Lesi silwane sibuye sibizwe ngoGogo ngoba abantu abansundu bakhulelwa ekutheni uma sike sabonakala ekhaya kusuke kuyiDlozi lo muntu wesifazane elisuke livakashile. Abanye baze bagaye noTshwala impela, babambe noSphongwana esibayeni bahlabele lelo Dlozi. Iningi leZithwalambiza ziluhlaza ngokombala, kodwa bathi zikhona nezinye  ezinemibala eyehlukile  . Kukhona nenye futhi inkolelo ethi uma kuke kwabonakala iSithwalambiza kusuke kuyiD... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNhlaba enkulu  ( Aloe ferox)

Nina bakaSifuba singungu singungubele nyakana sibhobokayo umuntu uyakuziwa izindaba!! UMgwagwa wezulu!! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Lokhu sasiyokwenza amagudu okubhema!! UDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yelanga!! #ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo !!̷... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhwishamanzi     (Cormorant\uMphishamanzi)

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulindi ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!!#ISilo sakithi oNdini leso iSilo uCetshwayo ka Mpande .Enhla nasezansi ngibabingelela abeZulu eliphezulu. Ngethemba basaphila*****************Le... qhubeka ufunde »

Umlando ngaMakhosi aseBaThenjini, oJama kanye noNdina bakaMnisi:::

Uma kukhulunywa ngaBaThembu kusuke kukhulunywa ngabantu bakwaMthembu kanye nabakwaMvelase. AbakwaMthembu bayiNdlu enkulu yaBaThembu , kanti abakwaMvelase bona bayiNdlu encane . Ngasohlangothini lweNdlu encane yaBaThembu okungabakwaMvelase endulo  kwagqama kakhulu inkosi uNgoza ka Mkhubukeli , esesa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNgibonisele

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amaGawu abebesi! UZulu lizayo khwezan’abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! IGwija likaMdlaka ligwegwe lij... qhubeka ufunde »

Umlando ngeDolobha laseThohoyandou , eVenda

Nina beSilo ake ngiphose itshe eSivivaneni ngomlando weDolobha laseThohoyandou okuyiDolobha elitholakala eVenda , esingasho impela sithi yiyona Nhloko Dlolobha yaseVenda . Igama elithi ‘thoho ya Ndou lichaza ‘ ukuthi ‘ikhanda le Ndlovu ‘ ngesiZulu. Leli Dolobha laqanjwa ngeNkosi yabaVenda in... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMenembo

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , iNkomo eyakhala khala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!! #ISilo sakithi KwaDukuza leso , iSilo uShaka ka Senzangakhona. **Nina beSilo le Nduku eniyibonayo iwuhlobo lweNtuma olubizwa ngokuthi uMenembo . Kusebenza impa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlume ka Nhloyile  ( Rhizophora mucronate,Red Mangrove) 

    Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona eziyosala zibadabula , yizona eziyosala zibalilela emanxiweni!! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga!UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane #ISilo sakithi eMgungundlovu leso, iSilo uDingane ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeBohlololo lasoLwandle  ( Aptenia cordifolia )

Nina abakaSingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya! UMancwaba weZwe lamaphethelo lona lincwaba ngeMikhemezelo! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! #ISilo uDingane leso! ISilo sakithi eMgungundlovu…Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMbizakayivuthwa   (Helichrysum platypterum)

Nina abeZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo uHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde , kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela .UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambana ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!