Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoMenembo

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , iNkomo eyakhala khala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!! #ISilo sakithi KwaDukuza leso , iSilo uShaka ka Senzangakhona. **Nina beSilo le Nduku eniyibonayo iwuhlobo lweNtuma olubizwa ngokuthi uMenembo . Kusebenza impande kule Nduku. Yenzani le Nduku? Nina beSilo le Nduku ingena kakhulu eMabuthweni athunywa ukuyolwa . Iyangena futhi naklwezokucupha ithuna. Iyangena futhi le Nduku entelezini echela iziNduku zoMgangela . Iyangena futhi le Nduku naseMabhandeni okulwa. Le Nduku ibuye ingena kwezenzalo yabeSilisa , um... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlume ka Nhloyile  ( Rhizophora mucronate,Red Mangrove) 

    Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona eziyosala zibadabula , yizona eziyosala zibalilela emanxiweni!! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga!UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane #ISilo sakithi eMgungundlovu leso, iSilo uDingane ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeBohlololo lasoLwandle  ( Aptenia cordifolia )

Nina abakaSingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya! UMancwaba weZwe lamaphethelo lona lincwaba ngeMikhemezelo! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! #ISilo uDingane leso! ISilo sakithi eMgungundlovu…Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMbizakayivuthwa   (Helichrysum platypterum)

Nina abeZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo uHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! IGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde , kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela .UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambana ... qhubeka ufunde »

Umlando ngoSomtswewu ka Sonzica (uTheophilus Shepstone)

Nina abeBululu lika Phunga noMageba  eladonda ukusuka kwaze kwasuka awezindllwana! OShele  ka Dolofu kuMaQadasi ,oMzitshana kuMaQadasi ,oSomtsewu ka Sonzica kuMaNkinsimane amabululwana ezindlwana! UMagwaz’eguqile njengethole!#ISilo uCesthwayo leso ! ISilo sakithi oNdini…. *Lo Somtswewu ka Sonz... qhubeka ufunde »

Sereto saBalobedu ba ga Mogale

-Ke ba Mohale a’ letlatja -Bakhwebo ba Mmapula a’ -Ngwako Bare wena o šupago tlaja oa hlola -Nkabe o ka šupa Maolwe, elego -Bokgalaka Batho babo Molate Rakhonamela, -Khonamela o nyele phaho, tšhepa la mobe ha le bonwe. -Motho wa Mohale, Mohalefa hotlhe, khare ntle khare ntlone, -Batho babo kh... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoHlabazihlangane

Nina abakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! UNowelamuva wawoShaka uZalukazi zosola emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNduku Amazombe   (Roella glomerate )

Nina abeZulu eladuma obala lapho kungeMunga kungeMtholo , iSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu! UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! #ISilo sakithi oNdini leso! ISilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngethemba isaphila iNgabade. Â... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMaqhoboza ka Mbeleko Nzuza

Umlando ngoMaqhoboza ka Mbeleko Nzuza Nina abakaNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni. USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu. Enhla nasezansi ngethemba isaphila iNgabade . Nina beSilo ake sibheke umlando ... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uHhamu ka Mpande noNzibe .

  Umlando ngoMntwana uHhamu Zulu Nina abakaNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.ISilo uMpande leso , iSilo sakithi kwaNodwengu.Nina beSilo ake ngiphose itshe eSivivaneni ngoMntwana uHhamu ka Mpande noNzibe.UMntwana uHhamu wayeza... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!