Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngeMpi yaseMsebe

Umlando ngeMpi yaseMsebe Impi yaseMsebe yaliwa ngoNdasa mhla zingama29 ngowe 1883.Lempi yaseMsebe yayiphakathi koSuthu noMandlakazi.Isizathu esabangela ukuba kugcine kuthathelwane izikhali wukuthi uMntwana uZibhebhu owayehola uMandlakazi ngaleso sikhathi wayelokhu eqhubeke njalo ehlasela amalungu oSuthu,ethatha izinkomo zawo.Lokhu wayekwenza ngokuxhaswa ngezibhamu ngamaNgisi oCollenbrander,Suanders nabanye.ISilo uJininindi sasikade sinenyanga eyodwa sibuyile ekudingisweni ngoba sona sasibuye ngoMasingana 1883.Ngakho-ke safica izwe lingamile kahle,abantu baso bebulawa uZibhebhu.Zonke izizwe eza... qhubeka ufunde »

Izincazelo zamaphupho eNhlanhla naweBhadi

Amaphupho enhlanhla Njengawo wonke amaphupho kukhona angadingi incazelo uma uliphuphile kodwa kukhona lawo adinga ukuthi ucaciselwe ukuthi lisho ukuthini. Uma siqoqa lezindaba siyaqinisekisa ukuthi sibuza abantu abahlukene ngesihloko esibhala ngaso ukuze sibone ukuthi imibono yabo iyafana noma ihluk... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNyandezulu(Spotted Bush Snake)

Incazelo ngeNyandezulu Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulindwe ububaswe uMantshonga beGqelebana ngethemba nisaphila nina beSilo.Lolu hlobo enilubonayo lubizwa ngokuthi yiNyandezulu.Uhlobo lwenyoka olungenalo nhlobo ulakwa lolu.Futhi  lolu hlobo lwenyoka alunabo ubuthi,n... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeHlalanyosi

Incazelo ngeHlalanyosi Nina bakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama,uNowelamuva wawoShaka.UMdayi sabela kweliphesheya,uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba basaphila.... qhubeka ufunde »

UTop 10 wamaphupho abika inhlanhla

UTop 10 wamaphupho abika inhlanhla Nina beSilo nanka amaphupho abika inhlanhla futhi angavamisile ukushaya eceleni. Lezi nhlobo zamaphupho engizozibhala ngezansi zingamaphupho angavamisile ukuphushwa abantu , aziwona amaphupho ejwayelekile. 1.Ukuphupha udoba izinhlanzi futhi uzibamba -Lokho kubika e... qhubeka ufunde »

Ukuzalwa wembethe ( An en caul birth \Being born in an amniotic sac )

Incazelo ngokuzalwa wembethe Esizweni sakwaNtu kunesimo lapho ingane izalwe igaxile. Kungaba eyakwaZulu, kwaXhosa, kwaNdebele kwaMthwakazi noma kwaNgwane. ‎Le ngane izalwa yembethe into esamhlwehlwe enamafutha, leyo ngane iyingane yenhlanhla.Le ngane iyigugu labaphansi. Le ngane idinga nje ukunake... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoDabulamafu  (iPhindemuva \Cyanotis speciosa)

Incazelo ngoDabulamafu  (iPhindemuva , Cyanotis speciosa) Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yadeda amadoda.INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga. Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNyathi  (Afican Buffalo\Cape Buffalo)

Nina abeNyathi ka Ndaba empondo zimakhenkenene,uQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana.INtulo ebande ngoDonga kwaBhekuzulu.ISilo sakithi eNaleni leso,iSilo uMdlokombane.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu.Ngethemba basaphila.Nina beSi... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMpi yaseTshaneni

Impi yaseTshaneni yabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweNgonyama u-Mamonga woSuthu noMandlakazi ngaphansi koMntwana u-Zibhebhu Zulu . Le mpi siyangayichaza ngokuthi kwakuyimpi yokubuyisa izibduku ngoba iSilo u-Mamonga sasidinga ukujezisa uMntwana u-Zibhebhu ngayekwenze kuYise waso iSilo u-Cetshwayo ,... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBisi lweMbuzi   ( Bok Melk )

Nina abakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama uNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu. #ISilo uMpande leso, iSilo sakithi kwaNodwengu . Enhla nasezansi ngethemba basa... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!